Kuvela ezingezinhle ngokulimala kukaSipho Chaine weBucs
Sekuvele izindaba ezingezinhle ngonozinti olimele we-Orlando Pirates uSipho Chaine njengoba angase angabuyeli ekudlaleni kuze kube wunyaka ozayo.
Lokhu kungenxa yokulimala edolweni akuthola emdlalweni la babebhekene khona neCape Town Spurs ngenyanga edlule.
USipho Chaine ulimala nje nguye obeseyisethenjwa ezintini eqenjini likaJose Riveiro njengoba ebeyiqala yonke imidlalo.
Wazakhela kakhulu igama ngesikhathi evimba amaphenathi amathathu kulandelana bebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni wamanqamu kwiMTN8.
Lokhu kulimala isikhathi eside kuzombuyisela emuva kwazise ubeseke avele nakubadlali umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos acabangela kubo.
Ngesikhathi elimala, indawo yakhe yathathwa uMelusi Buthelezi futhi nguye lo nozinti waseNquthu oseqala imidlalo kusukela lapho.
Ebhentshini kuhlala unozinti odabuka eGhana futhi osemnkantshubomvu, uRichard Ofori.
Ngokubika kwabePhakaaathi, ngesikhathi elimala uSipho Chaine kwakucatshangwa ukuthi yinto encane kodwa manje sekuvele ukuthi kubi impela.
“Ukulimala kukaSipho kubukeka kukubi kakhulu kunalokho obekucatshangwa ekuqaleni.
“Sonke besicabanga ukuthi yinto encane futhi uzobuya ngemuva kwalowo mdlalo weCape Town Spurs,” ucahsunwe usho kanje umthombo.
“Kodwa manje kuzomele aqale phansi ukuze abuyele eqenjini ngoba ukulimala kwakhe kuzothatha okungenani izinyanga ezintathu.
“Ngimbona ebuya ngonyaka ozayo. Ngiyamzwela ngoba ubengumuntu obesejwayele eqenjini futhi wonke umuntu ubemethemba,” kwengeza umthombo.
“Manje sekumele aqale phansi. UButhelezi usethathe izintambo manje futhi wenza kahle kakhulu eqenjini.
“Ngikhumbula kahle, kwenzeka okufanayo naku-Ofori. Walimala, wangena uSipho Chaine wangena, waqhuba umsebenzi.
FUNDA NALA: UMokwena ubonge uyise ‘ngecebo’ elimnqobise i-AFL
“Kodwa engikuthandayo wukuthi laba bafana banomqhudelwano omuhle futhi nomqeqeshi uthanda lokho ngabo.”