EzakamuvaI-Confed Cup

‘Siwulungele umdlalo weConfed Cup,’ kusho oweChiefs

SIHLE NGUBO

Ukaputeni weKaizer Chiefs, uBrandon Petersen, ukholwa ukuthi bakulungele ngakho konke ukubhekana ne-Al Masry yase-Egypt, ngeSonto ntambama.

Amakhosi anomqansa omkhulu njengoba ezoqala imidlalo yamaqoqo kwiCAF Confederation Cup ngomdlalo wasekuhambeni ngeSonto ngo-6 ntambama.

Yinto eyaziwayo ukuthi kunzima kakhulu ukuyodlala namaqembu ase-Egypt ezinkundleni zawo, phambi kwenqwaba yabalandeli bawo.

Igcina ukuyodlala e-Egypt iChiefs yathelwa othulini ngo 3-0 yi-Al Ahly emdlalweni wamanqamu weCAF Champions League ngo-2021.

UPetersen uthe bayakuqonda ukuthi bazobe behambile futhi bengadlali phambi kwezinkumbi zabalandeli babo.

“Sinenqwaba yabalandeli ekhaya kodwa noma yikuphi lapho sihamba khona sinabalandeli bethu,” kusho uPetersen, ongunozinti wokuqina weChiefs.

“Sinenqwaba yabantu abasesekayo. Ngicabanga ukuthi sesikhombisile emidlalweni emibili esiyidlalile yokuhlunga ukuthi singakwazi ukwenza kahle.”

Kungokokuqala ngqa emlandweni iChiefs idlala imidlalo yamaqoqo yeConfederation Cup.

Iqoqo layo linzima kakhulu ngoba libophele i-Al Masry neZamalek, okungamaqembu ase-Egypt, kanjalo neZesco United yaseZambia.

“Yize singenalo ibutho lethu eliphelele enkundleni okwamanje, kodwa okubalulekile ukuthi uma sidlala ekuhambeni sazi ukuthi kukhona izinto okumele sizenze nalezo okumele singazenzi,” kuqhuba uPetersen.

“Ngokwethu sizilungiselele kahle. Siyazi ukuthi yimi okumele siyilindele.

“Ngizizwa nginokuzethemba. Mina nozakwethu simi ngomumo, siwulungele umdlalo ngeSonto.”

Ngemuva kwalo mdlalo iChiefs izobhekana neZamalek eNew Peter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ntambama.

Kuzobe sekuma ngemidlalo yamaqembu nonyaka njengoba sekuzoqala i-Africa Cup of Nations (AFCON) ngoDisemba 21 eMorocco.

Imidlalo yeBetway Premiership eNingizimu Afrika, izogcina ngoDisemba 7 ukuze kudedelwe iBafana Bafana ilungiselele i-AFCON.

Kuzovala umdlalo weChiefs neTS Galaxy eMbombela Stadium ngoDisemba 7, ngo-3.30 ntambama.

Uyobe sewudlaliwe umdlalo wamanqamu weCarling Knockout phakathi kwe-Orlando Pirates neMarumo Gallants, ePeter Mokaba Stadium, ngoDisemba 6.