EzakamuvaIBetway Premiership

UMayo wadumala engakwazi ukuya kwiChiefs eminyakeni edlule

SIHLE NGUBO

Umdlali omusha weKaizer Chiefs, uKhanyisa Mayo, angase athole ithuba lokudlala umdlalo wakhe wokuqala egqoke imibala yaMakhosi uma esetholana phezulu neSekhukhune United, koweBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesibili ebusuku.

Lo mgadli oneminyaka engu-27 ubolekiswe yiqembu lase-Algeria, iCR Beluizdad, kwiChiefs kuze kuphele isizini.

IChiefs ayiyazi induku kule sizini njengoba seyinqobe imidlalo emine kwemihlanu yeligi esiyidlalile.

Ukunqoba kwiSekhukhune kuzoyinyusela esicongweni kwilogi yePremieship.

UMayo uthe ukusayina kwiChiefs kuyinto akade ayeyifisa njengomdlali.

“Kuwukufezeka kwephupho,” kusho uMayo kwi-website yeChiefs.

“Njengoba bengilokhu ngisho uma ngikhuluma, iqembu ebelingenza ukuthi ngibuyele kuleli yiKaizer Chiefs kuphela.

“Leli qembu linomlando omkhulu. Ubaba uyingxenye yalowo mlando omkhulu, ngakho bengifuna ukudlalela iqembu elikhulu ezweni, e-Afrika, emhlabeni, ngoba kimina iChiefs iyiqembu elikhulu emhlabeni.

Ubaba kaKhanyisa uPatrick Mayo wayedlalela iChiefs eminyakeni edlule.

“Ngize lapha ukuzosiza iqembu lifeze izinjongo zalo. Ngakho ngibeke umqondo kulokhu engibhekene nakho nokuthi ngenze noma yini engizotshelwa ukuthi angiyenze,” kuqhuba uMayo.

Uveze ukuthi kwaba yizindaba ezehla kamnandi kuyena ukuzwa ukuthi ufunwa yiqembu akade ayefisa ukulidlalela.

“Ukukhuluma iqiniso angikwazanga nokulala ebusuku. Ngathi kophethe izindaba zami asenze kwenzeke.

“Alikho elinye iqembu engifuna ukulidlalela. Abekhona amanye abengifuna kodwa bengifuna ukubuyela ekhaya futhi iKaizer Chiefs iyikhaya lami. Yilapho ngakhulela khona, eNaturena.

“Umuntu wokuqala engamfonela umama owayehleli nobaba. Bobabili bajabula kakhulu ukuthi ngizojoyina ubaba ukuqhubeka nokudlalela leli qembu.

“Ukuthi wake wadlalela iChiefs kunakho ukungifakela ingcindezi kodwa yinto engakhula nayo, ngakho ngiyijwayele.

Ithuba lokudlalela iChiefs lacisho lavela eminyakeni edlule uMayo esagijima kwiCape Town City kodwa kwagcina kungenzekanga.

“Ngaphoxeka kakhulu,” kusho uMayo.

“Ngangifuna ukuza kwiChiefs. Ngihlale ngicabanga ukuthi leli qembu liyingxenye enkulu yami ngoba ubaba wadlala lapha kulesi sikhungo esikhulu.

“Bengifuna ukwenza njengaye ngizuze impumelelo kwiKaizer Chiefs. Kodwa akwenzekanga, ngabona ukuthi bekumele ngiye kwenye indawo ukuze ngigcine ngifike lapha, futhi yilokho okwenzekile. Ngilapha manje.”