ISafa ichitha eyabeDowns abazosiza uBroos kwi-Afcon
SIHLE NGUBO
Iphini lomqeqeshi kwiBafana Bafana, uHelman “Ncane” Mkhalele, lizoba khona nakanjani kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2024 e-Ivory Coast ngonyaka ozayo.
Sekube namahemuhemu amaningi mayelana nokuthi uMkhalele, owayegijima kwiBafana ne-Orlando Pirates, ngeke akwazi ukuhlala eceleni kukaHugo Broos.
Bekuthiwa lokhu kungenxa yokuthi akanazo izicucu ezifanele nezihambisana nokufunwa yiConfederation of African Football (CAF).
Okhulumela iSafa, uMninawa Ntloko, uthe into kaMkhalele icacisiwe futhi asikho isidingo sokulokhu kuba nemibiko ephuma eceleni.
“Umqeqeshi uke wayichaza le nto ngesikhathi ebuzwa esithangamini nabezindaba.
“Wendlale konke mayelana nezicucu zikaMkhalele nalokho okufunwa yiCaf,” kusho uNtloko.
Ngeledlule kuke kwavela imibiko (engaqinisekiswanga) yokuthi iSouth African Football Association (Safa) seyiphakamise amagama abaqeqeshi abathathu, uManqoba Mngqithi, oyiphini lomqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, oqeqesha iSundowns noSteve Komphela, ocija iMoroka Swallows FC.
Ngokwale mibiko bekuthiwa uBroos kumele akhethe oyedwa kulaba baqeqeshi, ozoba yiphini lakhe ngoba uMkhalele isimo asimvumeli ukuthi aye kwi-Afcon.
FUNDA NALA: Kuvela okwakhele uXola Mlambo ubutha kwiGalaxy
“Lokho kungamahemuhemu nje angekho. Umqeqeshi ukubeke kwacaca ukuthi uMkhalele uyena ozohlala eduze kwakhe kwi-Afcon, hhayi omunye walaba abashiwoyo,” kuchaza uNtloko.
Imdlalo ye-Afcon izoqala ngoJanuwari 13 ize isongwe ngoFebhuwari 11.
INingizimu Afrika iseqoqweni uGroup E, lapho izobhekana khona neTunisia, yiMali neNamibia.
Lo mqhudelwano omkhulukazi e-Afrika uzobe udlalwa okwesi-34 ngonyaka ozayo.