Ezakamuva

Idili likamkhipheni kwezemidlalo KwaZulu-Natal

Amehlo abathandi bezemidlalo azothi njo KwaZulu-Natal njengoba kunemidlalo ethe chithi saka kule mpelasonto ezinkundleni ezahlukene. 

Kukhona imidlalo emthathu yeDStv Premiership kanti emibili izodlala ngoMgqibelo. 

AmaZulu FC azogadulisana neStellenbosh FC eMoses Mabhida Stadium ngo-3.30 ntambama. 

Ngesikhathi esifanayo, iRichard Bay izobe ikhiphana inkani ne-Orlando Pirates  eKing Zwelithini Stadium. 

NgeSonto iGolden Arrows izobhekana neCape Town City eMpumalanga Stadium, eHammarsdale ngo-3 ntambama. 

Umlandeli uzoya lapho ethanda khona. Le midlalo ihlabahlosile kakhulu kula maqembu aseKZN njengoba ebuya ekhefini leFifa. 

AmaZulu kulindeleke ukuthi aqhubeke lapho egcine khona, i-Arrows yona kulindeleke ukuthi ilungise amaphutha ngeCity. 

IRichards Bay kulindeleke ukuthi ithwale kanzima kwiPirates ezobe ibheke ukuziphindiselela. 

Leli qembu laseMhlathuze layihlambalaza iPirates liyiwashisa ijezi kwiCarling Knockout Cup. 

Kukhona nemijaho yamahhashi njengoba kuzogijinywa iSummer Cup eMakhuzeni.