EzakamuvaIbhola

UMokwena usola iBafana ngokugqilaza abadlali bakhe

IMamelodi Sundowns ilinyalelwe abadlali ababili abamqoka abebekwiBafana Bafana, futhi umqeqeshi wayo, uRulani Mokwena akeneme ngalokhu.

UMokwena usola iBafana ngokusebenzisa omunye walaba badlali abalimele yize esekuvezile ukuthi akekho esimweni esihle.

ISundowns beyinabadlali abayisikhombisa ekhempini yakamuva yeBafana njengoba kade idlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba. 

Bekukhona o-Aubrey Modiba, Khuliso Mudau, Teboho Mokoena, Grant Kekana, Mothobi Mvala, Themba Zwane noRonwen Williams.

Bonke laba badlali badlalile kule midlalo emibili yeBafana. Leli qembu likaHugo Broos lishaye iBenin ekhaya, labe selihlulwa yiRwanda ekhambeni.

“Leli khefu leFifa belinzima ngoba bekungelemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba,” kusho uMokwena. 

“Abadlali bethu baye kwiBafana besuka esikhathini ebesimatasa neqembu (iSundowns). 

“BaBasebenziseke ngokweqile. Ngisho uHugo Broos ukushilo lokhu kwesinye sezithangami sabezindaba. 

“Mina ngisuke ngikubheke ngabomvu (ukudlala kweBafana) ngoba abadlali bethu badlaliswa izindawo ezihlukile kunalezi esibasebenzisa kuzo thina. 

“Kuyangichaza ukubona uModiba edlala emuva kwesokunxele kwiBafana. Ngiyakuthanda lokho ngoba usuke edlala endaweni ehlukile… 

“USailor (uKhuliso Mudau) naye udlala indawo ecishe ihluke, uTeboho (Mokoena) naye udlala ngokubambisana noSphephelo Sithole.

“Ngiphoxekile nokho kancane ngoba uModiba ubuye eselimele futhi sithola ukuthi ubevele ebuzwa ubuhlungu ngaphambi komdlalo wesibili. 

“Kodwa udlaliswe imizuzu engu-90 kabili ngisho eRwanda la bebedlala khona enkundeli enotshani bokwakhiwa yize ebesevele elimele. 

“Manje ke thina sekungenzeka singabi naye isikhathi eside. NoMothobi (Mvala) naye ubuye elimele kwiBafana. Kuyakhathaza lokho.”