Ubuye esephelezelwa abanye uSeema kwiSekhukhune
SIHLE NGUBO
Ugcine ebuyele ngokusemthethweni njengomqeqeshi weSekhukhune United, uLehlohonolo Seema, obexoshwe ngesizini edlule.
Kumangazile sekuzophela isizini kuvela izindaba zokuthi uSeema usehlukene neSekhukhune. Ngaleso sikhathi iqembu belenza kahle kakhulu njengoba ligcine liqede kwiTop 8.
Akucacanga ukuthi lo mqeqeshi ubebangeni neSekhukhune. Nokho konke lokho sekuyinto edlule njengoba iqembu likhiphe isitatimende lemukela uSeema njengenhloko yabaqeqeshi.
“Siyajabula ukwamukela uLehlohonolo Seema njengenhloko yabaqeqeshi. Ebhentshini uzojoyinwa ubuso obujwayelekile, uKaitano Tembo,” kusho isitatimende esithunyelwe yiSekhukhune.
“UTembo uzothatha isikhundla sikaSenior Coach esishiywe uMcDolnaln Makhubedi osezoba yiSporting Director kwiBabina Noko. Ukuqedela ithimba labaqeqeshi kukhona uPaulus Masehe ozoba yiphini lomqeqeshi, bese kuba uNascent Nkhwashu ozoqhubeka nokuba umqeqeshi wonozinti.”
IBabina Nokho izoxinwa yimidlalo kule sizini njengoba izodlala nakwiCaf Confederation Cup. Ivele seyidlalile kwiMTN 8 kule sizini lapho ikhishwe khona yiCape Town City.

