IDOWNS: Kungenzeka kubhidlika inqanawe eyakhiwa uPitso ngesineke
SIHLE NGUBO
Iminyaka engu-14! Lesi yisikhathi esesiphelile iMamelodi Sundowns ingakaze iqeqeshwe umqeqeshi wangaphandle kwaseNingizimu Afrika.
Konke lokho kushintshile ngoLwesibili ngesikhathi leli qembu laseChloorkop lixosha obengumqeqeshi uManqoba Mngqithi, lase lethula ngokusemthethweni uMiguel Cardoso njengomqeqeshi omusha.
UCardoso wasePortugal, ogcine ukuqeqesha kwi-ES Tunis yaseTunisia, uzosebenzisana noSteve Komphela noKennedy Mweene. UMngqithi nomngani wakhe omkhulu uRomain Folz kumele bayofuna amaqembu abazowaqeqesha.
Igcina ukuba nomqeqeshi wangaphandle iSundowns kwakunguJohan Neeskens waseNetherlands, odlule emhlabeni nonyaka.
Lo mqeqeshi wakhonjwa indlela ngoDisemba ka-2012 nokuyilapho owayengumengameli weqembu, uPatrice Motsepe, aqasha khona uPitso “Jingles” Mosimane.
Lo mqeqeshi (uMosimane) wayekade echithwe yiSafa ekuqeqesheni iBafana Bafana ngoJuni ka-2012. Naye wayephikwa yimiphumela njengoba iqembu lesizwe lase lidlale imidlalo eyisikhombisa linganqobi.
Efika eChloorkop uMosimane wacela ukuthi anikwe ithuba lokubumba iSundowns, eyayidonsa kanzima kunombolo 13 ngaleso sikhathi.
“Ngilapha ukuzosiza iSundowns nokwenza iqembu ukuthi libe nozinzo,” wacashunwa yi-IOL esho kanje uMosimane ngo-2012.
“Ngingathanda ukubona iSundowns isendaweni engcono kwilogi. Ngicabanga ukuthi sonke siyazi ukuthi iSundowns ifanelwe ukuba sendaweni engcono.
“Futhi umndeni weMamelodi Sundowns ufanelwe yileyo nhlobonipho. Ngidinga isikhathi ukushintsha izinto eqenjini.
“I-Rome ayakhiwanga ngosuku olulodwa, futhi uma ubheka iminyaka emihlanu edlule iSundowns ibizalaza kanzima.”
Yize aqala ngokuba nezinkinga zakhe uMosimane kodwa wagcina eyakhile iSundowns, yaba yiqembu elihlonishwayo hhayi eNingizimu Afrika kuphela kodwa nase-Afrika yonke.
Kusukela ngo-2013/2014 iSundowns seyinqobe isicoco seligi izikhawu eziyishiyagalombili ngaphansi kukaMosimane noRulani Mokwena, oqale wasebenza ngokubambisana noMngqithi noSteve Komphela, ngaphambi kokuba umqeqeshi ozimele.
Ngesizini edlule iSundowns inqobe isicoco seligi okwesikhombisa kulandelana, okuyirekhodi elingakaze libe khona kwiPremier Soccer League (PSL)
Abafana Ba’Style banqobe iCaf Champions League ngo-2016 kusekhona uMosimane, bayilamanisa ngeCaf Super Cup ngo-2017.
Ekupheleni kwesizini edlule iSundowns ixoshe uRulani Mokwena okuvele ukuthi akazange atholane kahle noFlemming Berg oyiSporting Director yaleli qembu.
Kube sekuthathwa uMngqithi obuyise uKomphela obesekwiLamontville Golden Arrows, walanda noFolz oke wacija AmaZulu FC.
Njengoba sekuxoshwe uMngqithi sekuhambe umqeqeshi wokugcina kulabo ababesebenza noMosimane ngesikhathi iSundowns ishanela kwasani. Ngabe sekuwukubhidlika kwenqanawe eyakhiwa uMosimane eminyakeni engu-14 edlule?