EzakamuvaiDStv Premiership

UJohnson uphawula ngeyokucwasana kwiChiefs

UCavin Johnson ukuchithile ukungezwani okubikwayo phakathi kwabadlali bakhe kwiKaizer Chiefs, wathi noma zingavela izinto ezinjalo uzozixazulula kalula.

Ngemuva kokunqoba kweqembu lakhe iMoroka Swallows ngo 1-0 ngeSonto, uJohnson ukhulume nabezindaba ngesikhalo sabadlali abamnyama okuthiwa bazibona bebukelwa phansi eqenjini. 

ISunday World ibike ukuthi abadlali abamnyama ekhempini yeChiefs abagculisekile, benomuzwa wokuthi amakhaladi athola impatho engcono.

Nokho isikhulu seqembu, uVina Maphosa, ukuchithile lokhu, wagcizelela ukuthi bonke abadlali baphathwa ngokulinganayo kuleli qembu laseNaturena.

UJohnson unanele le mizwa, wathi noma yiziphi izinkinga ezikhona eqenjini zisingathwa ngendlela efanele.

Ukugcizelele ukuthi akukho ukungaboni ngaso linye eqenjini njengoba kubonakalile emdlalweni walo wakamuva neSwallows.

“IKaizer Chiefs njengoba inegama elikhulu kangaka nje, baningi abantu ababheke ukululaza leli gama layo ngoba eqinisweni nje alikho elinye iqembu elinegama elikhulu kanje,” kusho uJohnson.

“Futhi noma yini ongayithola, noma yini ongayenza ukuze ubadicilele phansi, ihlezi isemaphephandabeni.

“Uma kukhulunywa ngalezo zinto kufana nokuthela namanzi emhlane wedada la kimina, ngoba uma wazalwa ngesikhathi skwehlukaniswa komnyama nomhlophe, kusho ukuthi uyazi ukuthi ubhekana kanjani nalezo zimo. 

“Sibhekana nalezo zinto ngendlela efanele. Uyabona enkundleni ukuthi bafuna ukusizana, babambisene. 

“Ngihola iqembu futhi uma ubheka ngemuva kwami, uma ubheka abantu abaseceleni kwami ​​uyabona ukuthi yikho ebesikuphokophele, amaphuzu amathathu.”

UJohnson uzoba nesikhathi sokulungisa noma yiziphi izinkinga iqembu lakhe elibhekene nazo njengoba enekhefu lamasonto amabili ngaphambi komdlalo olandelayo.

Kuke kwaba nezindaba zokungaziphathi kahle ezibikwe kwiChiefs njengoba kusanda kumiswa umakadebona weqembu u-Itumeleng Khune nomdlali wasesiswini uMduduzi Mdantsane ngenxa yezindaba ezithinta utshwala.

IChiefs izophinde yethembe ukuthi izonqoba kabili kulandelana uma isidudulana nePolokwane City ePeter Mokaba Stadium ngoDisemba 9.