EzakamuvaiCarling Knockout Cup

URamovic ugadle kuMokwena emsola ngokubathatha kancane

Umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, ukhale ngendelelo kaRulani Mokwena weMamelodi Sundowns. 

URamovic uthi njalo uma bebhekene neSundowns, base beyihlula, uMokwena ukhipha amagama angemahle nakhomba ukubeya. 

Emdlalweni wakamuva phakathi kwalamaqembu kunqobe yona iGalaxy sekukhahlelwa amaphenathi. 

Ngemuva kwalowo mdlalo obungo-Okthoba 25, uMokwena wakhala ngabadlali bakhe abebengekho athi yikho okubaqhathe nenduku. 

ISundowns yadlala bengekho oRonwen Williams, Mothobi Mvala, Aubrey Modiba, Khuliso Mudau, Teboho Mokoena, Themba Zwane, noGrant Kekana. 

Babesekhempini yeBafana Bafana eyayidlale ne-Ivory Coast ngayizolo, ngakho abangakwazi ukubuya ngesikhathi. 

URamovic uthi lokhu kungukweyisa futhi kukhomba ukuthi uMokwena uyaweya amanye amaqembu. 

“Kodwa kukho konke, thina asifuni ukuthola ukuba nezaba njengabanye abaqeqeshi,”  kusho uRamovic egudla uMokwena. 

“Ukwenza isibonelo nje, ngesikhathi sinqoba kwiSundowns, zazithini izaba abacasha ngazo? 

“ Wathi udlale bengekho abadlali bakhe abayisikhombisa abasezingeni eliphezulu, akunjalo? 

“Ngabe lokho kukhombisa ukubahlonipha noma ukubeya abadlali ababedlala lowo mdlalo? 

“Kwakukhona umdlali abamthenga ngo-R60 million (uMarcelo Allende) kukhona nalo abamthenge kwiStellenbosch (uJunior Mendieta) abamthenga ngo-R12 million. 

“Kwakukhona noBongani Zungu nabanye abadlali abaseqenjini lesizwe,”  kulanda le nsizwa yaseGermany

“Bese uqhamuka nezaba ukuze weyise ithimba lami, abadlali nami uqobo. 

“Ngicabanga ukuthi umqeqeshi osezingeni futhi okhulile ngeke elokhu eqhamuka nezaba (uma ehluliwe). 

“ Engathi, ‘isebenzile iGalaxy’, ibineqhinga elingcono futhi basihlulile’ lokho kukhombisa inhlonipho.

“Kodwa yena weyisa ngisho iqembu lakhe ngoba uma ethi ngeke anqobe ngabo.

“Mina ngicabanga ukuthi laba badlali ayedlala ngabo bengayinqoba iligi. Ngabadlali abasezingeni elimangalisayo.”