EzakamuvaIbhola

Simisiwe ebholeni isikhulu soSuthu esicwase oweBucs

Uzoma izinyanga ezintathu engazihlanganisi nebhola uSimanga Mchunu osebenza kuMaZulu kulandela ukwehlisa isithunzi owesifazane osebenza kwi-Orlando Pirates. 

Lokhu kuqinisekiswe yisitatimende esikhishwe umshushisi wePSL uZola Majavu ngoLwesibili ekuseni ethi isikhulu lesi sizoyohlunyeleliswa isimilo. 

Yize engacacisanga ukuthi lesi sigameko senzeka kuphi, futhi walifihla igama lalo wesifazane, uMajavu uthe uMchunu uqale ngokuliphika icala.0

“Ngingakuqinisekisa ukuthi ngithole isikhalazo sesikhulu sesifazane se-Orlando Pirates sikhalaza ngesikhulu saMaZulu esingowesilisa. 

“Isikhalazo kube ngesokuthi kwaba nenkulumo engeyinhle, esabisayo necwasa ngokobulili futhi eyehlisa isithunzi sowesifazane.

“Ekuqaleni kokuqulwa kwecala, umsolwa uSimanga Mchunu uliphikile icala,” kusho uMajavu. 

Nokho kuthe uma esekhishelwa ubufakazi obuqoshiwe bezinto ayezisho kulesi sikhulu seBucs, wajika okaMacingwane.

“Ngemuva kobufakazi bowesifazane okunguye ofake icala, uMchunu ucele ukuthi afake isixoliso, bese ejika alivume icala. 

“Njengomshushisi ngikwamukele lokho. Ngenxa yalokho uMchunu utholwe enecala. NaMaZulu, njengomqashi wakhe, atholwe enecala. 

“Njengoba ekhiphe isixoliso esamukeliwe yilo wesifazane ofake icala, ngemuva kokulalelwa kwezethulo, isigungu esiqondisa ubugwegwe sinqume lokhu:

“Okokuqala, uMchunu uyaxoshwa ebholeni isikhathi esiyizinyanga ezintathu. 

“Okwesibili, umqashi wakhe, AmaZulu ayalelwe ukuthi ahambise abasebenzi bawo abakwezokuxhumana nezokuqapha ukuba bayofundiswa ngokusebenzisana nobulili obuhlukene ngaphandle kokucwasa. 

“Njengoba lezi zifundo zizodla imali eqenjini, kunqunywe ukuthi AmaZulu angahlawuliswa imali.

“Ngaphezu kwalokho bayalelwe ukukhokhela izindleko zokuhlala kwalesi sigungu. 

“Lesi sigungu sibe sesixwayisa lesi sikhulu nabanye abasebholeni okungenzeka bazithole belingeka ukufuna ukuziphatha ngale ndlela.”

AmaZulu abe eseyalelwa nokubhala isixoliso esibhekiswe kwiPSL, amaqembu ayo nabaxhasi bese sisishicilela kwi-website yawo.