EzakamuvaIbhola

UMoon wajikiswa eseyibeke etafuleni eyokuthenga iMaritzburg

Owayengumdlali weMaritzburg United, uBryce Moon, useveze ukuthi wayefisa ngenhliziyo yakhe yonke ukuthenga leli qembu laseMgungundlovu kodwa kwangaphumelela lokho.

 UMoon, owake wayibamba nakwiMamelodi Sundowns, uthi konke kwama kubaphathi beTeam of Choice, yize yena ayesehlele konke.

“Yebo, ngingakuqinisekisa ukuthi ngangikufuna ngayo yonke indlela ukuthenga iMaritzburg United. 

“Kodwa abaphathi bayo babenezinye izinhlelo ezihlukile” kusho uMoon ekhuluma neFARPost.

 “Ngakubeka etafuleni engangifuna bakubone (okwakukuhle kakhulu) kodwa bathi ngeke bakwemukele uma ngingeke ngisebenzisane nabo njengomunye wabaphathi beqembu.

“Ngakubeka kwacaca ukuthi ngangifuna ukuphatha iqembu ngedwa ngoba nganginombono wami ngalo. Abazange bavume ngase ngiyeka kanjalo.”

Ngokusho kukaMoon, usihlalo weMaritzburg, uFarook Kadodia nabanye abaphathi beqembu, babuya sekudlalwe imidlalo emibili yesizini, becela ukuthi izingxoxo ziqale phansi.

“Ngabatshela ukuthi akusoze kwenzeke lokho! Nina nicabanga ukuthi nihlakaniphile,” kusho yena.

“Senithole u-R2 million weKZN Premier’s Cup nenye imali etholwa ngenyanga kwiPSL, manje senigijimela kimina?

“Ngathi kubona abaphole ngoba angisebenzi kanjalo. Ngathi mhlawumbe sizobona ukuthi izinto zihamba kanjani. 

“Mhlawumbe uma sekuphele isizini ngingase ngilithenge iqembu. Kuyinhloso yami ukuthenga iMaritzburg. 

“ Lokho kungoba ngibona ukuthi ngingenza okuningi uma kukhulunywa ngokuvundulula ikhono elisha, bese ngiqala inkulisa ezophakela iqembu elikhulu.”

 UMoon uthe wayesehlele yonke into kahle futhi wayeseke wakhuluma nomqeqeshi uMuhsin Ertugral.

 “Ithimba lami labaqeqeshi lalizoholwa uMuhsin Ertugral, esengike ngasebenza naye kamnandi kwi-Ajax Cape Town,” kuchaza uMoon.

“Ngiyayithanda indlela yakhe yokwenza izinto, nokuthi uyakwazi ukwenza abadlali abasebancane baqhakaze.”