EzakamuvaIbhola

UKhune wampintshwa ozakwabo ngokuphuza ejimini

U-Itumeleng Khune wampintshwa ozakwabo ukuthi unuka amankwebevu, kwabe sekuphoqa ukuthi bahlolwe izinga lotshwala. 

Kulapho ke lo nozinti ongaconsi kubalandeli azithola khona esenenkinga njengoba kumanje nje emisiwe eqenjini. 

UKhune ube esemiswa eqenjini kanti kulindeleke iqembu lithathe izinyathelo zokumqondisa ubugwegwe ngalokhu. 

Izindaba zokuthi uKhune wampintshwa ozakwabo zivezwe uPatrick Tignyemb owayengunozinti kwiBloemfontein Celtic phambilini. 

UTignyemb ubhale kwi-Instagram yakhe ngalokhu. Ufake isithombe sikaKhune noBrandon Petersen besejimini. 

Ube esesiphelezela ngombhalo othi, “UKhune wayekade ephuza ngayizolo ebusuku. 

“Ejimini wayenuka utshwala emlonyeni ngesikhathi bezivocavoca belungiselela ukuqala ukuzilolonga. 

“UBrandon Petersen wakuzwa lokhu wabe esebikela uKeagan Dolly (wafaka i-emoji yomgqomo kadoti) owabe esetshela umqeqeshi.” 

Kuke kwavela ke kweminye imibiko ukuthi uPetersen uceba uKhune nje yingoba wayecikwe ukuthi naye wakhuluma ngaye kwabezindaba.

UKhune watshela iSunday World ukuthi iqembu seliqashe udokotela wengqondo ukusiza uPetersen njengoba edonsa kanzima.

UPetersen uyena obeqaliswa imidlalo ngasekuqaleni kwesizini kodwa wenza amaphutha ashaqisayo.

Lokho kuphoqe ukuthi aze akhishwe, kwabuyela uKhune ezintini kuze kube nakhu ke naye uyamiswa.

Emdlalweni wokugcina weChiefs bekuvimbe uBruce Bvuma, kukhona uPetersen ebhentshini.

Yize engachazanga ukuthi yicala lani elibhekene noKhune, okhulumela iChiefs uVina Maphosa wakuvuma ngeviki elidlule ukuthi kukhona isimo abhekene naso. 

Wathi ngeke ande ngaso kakhulu ngoba kusenohlelo lwangaphakathi kanti ukuchaza ngaso kungabe usephazamisa lona lolo hlelo. 

Kuvela nokuthi lokhu okwenzeke kuKhune kubaphoxe kakhulu abaphathi ngoba uyena mdlali obeyisibonelo esihle eqenjini.

Ngunyaka ka-20 lona lo nozinti ekwiChiefs futhi ubengakaze atholakale ezigamekweni ezingezinhle nezihlaza iqembu.