Ngabe uNurkovic angabuyela ‘ekhaya’ kwiChiefs?
SIHLE NGUBO
Ukushiya iTS Galaxy isigubhukane kukaSamir Nurkovic, kushiye abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika bezibuza ukuthi ngabe lo mdlali waseSerbia ulibhekise kuphi.
UKokota Piano, njengoba aziwa ebholeni laseNingizimu Afrika, uzakhele igama kwiKaizer Chiefs kumasizini ambalwa edlule. Kumangazile ukuthi ashiye iRockets sekusele amahora ambalwa ukuthi kuqale imidlalo yeBetway Premiership ngoMgqibelo.
Bakhona abalandeli beChiefs abavele bathi ‘buyela ekhaya’ ngemuva kokuzwa lezi zindaba. Kuyinto engafihliwe ukuthi umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, uthungatha umgadli.
Lo mqeqeshi uke wacashunwa ethi abaqedile ukusayinisa abadlali futhi iqembu elikhulu njengeChiefs lidinga abadlali abasezingeni eliphezulu kuyona yonke indawo.
“Emuva, esiswini naphambili. Uyazi kulula ukuthola umdlali wasemuva konokuthola umgadli,” kusho lo mqeqeshi.
Nokho indaba yokubuyela kwiChiefs kukaNurkovic ingancika ekutheni kube khona umdlali wangaphandle odedelwayo ukuze kuphendleke indawo.
IChiefs isanda kusayinisa uFiacre Ntwari osuka kwiTS Galaxy, no-Inacio Miguel wase-Angola. Laba badlali bafice kukhona uChristian Saile waseCongo, u-Edson Castillo waseVenezuela, noThatayaone Ditlhokwe, waseBotswana. U-Edmilson Dove noGaston Sirino banabo ubuzwe baseNingizimu Afrika.
Uma uNabi ekholelwa kuNurkovic kungamele abolekise oyedwa phakathi kukaSaile noDithlokwe ngoba ngeke kube yilaba abasanda kusayina abangavula isikhala.