Kungase kuphithizele iPirates njengoba sekuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali
SIHLE NGUBO
Njengoba kugujwa uncibijane eNingizimu Afrika, ngasohlangothini lwePremier Soccer League (PSL) lokhu kusho ukuvulwa ngokusemthethweni kwewindi lokuhwebelana ngabadlali likaJanuwari.
Kuyaziwa ukuthi okwamanje amehlo asethe njo kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) esingene kwiLast 16 eMorocco.
Nokho abathandi bebhola likanobhutshuzwayo eMzansi babhekile ukuthi ngabe amaqembu abo azothola baphi abadlali, aphinde adedele baphi.
I-Orlando Pirates iyona ebhekwe kakhulu njengoba kuqala uJanuwari, ngezizathu ezahlukene.
Okokuqala okulindelwe abalandeli beZimnyama ukuthi iqembu labo licacise ngoTshegofatso Mabasa, ongakayivuseleli inkontileka yakhe ephela ngoJuni nonyaka.
Njengamanje uMabasa usenemvume yokusayina inkontileka yesibambiso nelinye iqembu, uma kungukuthi iPirates ayikho inkontileka esivumelane ngayo nalo mdlali.
UMabasa usevele umataniswa nokujoyina izimbangi iKaizer Chiefs njengoba sekucacile ukuthi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi wePirates, u-Abdeslam Ouaddou.
Lo mqeqeshi uke waphawula ngodaba lukaMabasa, lapho ethe yena akananxa nalo mdlali.
“Okokuqala nje anginayo nencane inkinga noMabasa,” kusho u-Ouaddou kwiMSW kaRobert Marawa.
“Umdlali engimthandayo. Umuntu okahle, umgadli omuhle. Manje nginabagadli abaningi.
“Nginabadlali abaningi, ngesinye isikhathi kuncika ekutheni abadlali engizodlala nabo, noma iqembu engizobhekana nalo limi kanjani.”
Konke kukhomba ukuthi uMabasa uzolishiya iqembu ekupheleni kwesizini, kanti bakhona nabamfisela ukuthi aye kwiMamelodi Sundowns.
Okunye okubhekiwe kwiPirates ukuthi yethule ngokusemthethweni u-Andre de Jong weStellenbosch FC.
Lo mdlali, odabuka eNew Zealand, kuvela ukuthi useqede konke neZimnyama, sekusele ukuthi ethulwe ngokusemthethweni njengoba iwindi lokuhwebelana ngabadlali selivuliwe.
IPirates iyavela futhi emaqenjini agaqele uPuso Dithejane weTS Galaxy, okuthiwa imbanga neChiefs.
Lo mdlali weBafana Bafana ukhulele enkulisa yaMakhosi, kanti sibhekwe ngabomvu isinqumo sakhe njengoba emataniswa nezinkunzi zaseSoweto.
Yinto eyaziwayo ukuthi iPirates izoshiywa umdlali obalulekile, uMbekezeli Mbokazi, ozoya kwiChicago Fire yase-USA, ngemuva kwe-AFCON.
Ngasohlangothini lweChiefs kunemibiko yokuthi kukhona amaqembu aphesheya agaqele umdlali onesivinini, u-Ashley du Preez.
Amakhosi abhekiwe ukuthi azozama yini ukuthola omunye unozinti njengoba uFiacre Ntwari ezohlala isikhathi eside engadlali, kulandela ukuhlinzwa egxalabeni.
KwiSundowns uKhuliso Mudau kulindeleke ukuthi alishiye iqembu ngemuva kokuthi engayisayinanga inkontileka entsha.
Lo mdlali, oneBafana Bafana kwi-AFCON, inkontileka yakhe naBafana Bastyle iphela ngoJuni. Lokhu kuchaza ukuthi usengasayina inkontileka yesibambiso nelinye iqembu.

