EzakamuvaIbhola

URulani Mokwena usethole iqembu elisha azolicija

SIHLE NGUBO

Owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns neWydad Athletic Club yaseMorocco, uRulani Mokwena, usemenyezelwe njengomqeqeshi omusha wompetha beLigue 1 yase-Algeria, iMouloudia Club d’Alger.

Lo mqeqeshi uhlukane neWydad ngesizini edlule kulandela ukuyiqeqesha isizini eyodwa.

UMokwena uzocija leli qembu lase-Algeria elingompetha beligi neSuper Cup, elihlukane noKhaled Ben Yahia waseTunisia, ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe emfushane.

Lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika (uMokwena) useke wamataniswa namaqembu amaningi ngemuva kokushiya iWydad, ebiyibambe kwiClub World Cup.

Kulawo maqembu kubalwa iPyramids SC yase-Egypt enqobe iCAF Champions League ka-2024/2025.

Nokho kuvele ukuthi akufananga ukuthatha lo msebenzi ngoba ubebanga noPitso Mosimane, amhlonipha kakhulu.

UMosimane ugcine engayanga kwiPyramids futhi ungomunye wabaqeqeshi abangenawo amaqembu njengamanje.

UMokwena uke waveza ukuthi ufuna ukuqeqesha iqembu elizoyibamba kwiChampions League ngesizini ezayo.

I-MC Alger, ekhishwe yi-Orlando Pirates kuma-quarterfinal kwiChampions League, izophinde iyibambe kwiChampions League ngesizini ezayo.

Abanye babalandeli bePirates bebefisa ukuthi uMokwena anikwe umsebenzi wokuyicija kodwa kwagcina kuyinto engenzekanga.