UMabe uncoma ukuvuleleka kukaKhoza, kodwa yena uyamsaba
ALFRED NGUBANE
UKelebogile Mabe, owayengumdlali we-Orlando Pirates phambilini, uthi usejike endleleni kaningana impela ethi uyobona usihlalo waleli qembu uDkt Irvin Khoza.
Uthi ngendlela anesithunzi ngayo uKhoza, uvele ashaywe wuvalo bese ethi useyobuye ambone ngelinye ilanga.
UMabe unesifiso sokuhlangana noKhoza njengoba kunokuthile afuna ukukubhunga naye, kodwa uvalo luvele ludlale ngaye.
Uthi nangesikhathi esadlala wayeke afise ukuyocela ukwenyuselwa imali, kodwa abuye abone ukuthi uyazibhedela, ajike.
“Ungubaba oqotho kubo bonke abadlali be-Orlando Pirates bamanje nabakudala,” kusho uMabe, owayeyibamba emuva kwesokudla.
“Ukhululekile njengoba uyasho ukuthi, ‘uma ngabe ufuna ukukhuluma nami, ngithinte noma ufike ehhovisi lami’.
“Nokho lokho akulula kithi sonke ngoba kumele uyazi into omfunela yona, ungadlali ngesikhathi sakhe.
“Uyabona, ngikholwa ukuthi ulisebenzele kakhulu ibhola lakuleli uKhoza, akakutholi ukunconywa okumfanele.”
UMabe ungomunye wabadlali abadala abafika kwiPirates badlala ibhola elisezingeni eliphezulu.
Nendlela aziphatha ngayo ngaphandle kwenkundla yayiyinhle njengoba akukho lapho ake watholakala enza izinto ezingamfanele umdlali webhola elikhokhelayo.
Walandela abadlali abafana noPapi Khomane owayengukaputeni wePirates nosanda kudlula emhlabeni kulandela ukuba sengozini yemoto.
FUNDA NALA: UTimm uveza imfihlo eyenze iBucs yayijuqa kalula iSwallows
UKelebogile Mabe akazange athande nokho ukuveza isizathu efise ukuhlangana noKhoza, wathi uyosazisa uma esebuya kuye.