Ibhola

UMama Joy usehamba efuna ‘iJoy’ kuwo wonke amaqembu ePSL

SIHLE NGUBO 

Umlandeli kanobhutshuzwayo oqavile eNingizimu Afrika, uJoyce “Mama Joy” Chauke, wamangaza abantu abaningi eminyakeni edlule elaxaza i-Orlando Pirates, wajoyina iRoyal AM kaShaun “MaMkhize” Mkhize.

Lesi yisenzo esingajwayelekile neze kubalandeli bebhola, ikakhulukazi labo abahamba phambili nabazifelayo ngamaqembu abo.

Isenzo sikaMama Joy sashiya abalandeli bePirates beqanganisa bethi “lo mama uye kwiRoyal AM ngoba elandela imali.” Akucacanga ukuthi yini ayibanga neZimnyama.

Ngaleso sikhathi (elaxaza iBucs) iThwihli Thwahla ibisanda kufika kwiPremiership futhi akekho umlandeli webhola obengazi ukuthi umphathi wayo uMaMkhize, ubeyikha ngamahalavu imali.

Sezishintshile manje izinto kwiRoyal AM futhi leli qembu laKwaZulu-Natal mancane amathuba okuthi liphinde libonakale lidlala imidlalo yePremieship.

IThwihli Thwahla inenkinga yemali futhi yonke into ethinta uMaMkhize yenganyelwe umqoqi wemali weSARS. Yinto eyaziwayo ukuthi lo somabhizinisi ukweleta iSARS imali elinganiselwa ku-R40 million nosekwenze iqembu langakwazi ukudlala imidlalo yeligi.

Inkinga yemali igqame kakhulu kuqala unyaka kwiRoyal AM lapho ihluleke khona ukuyodlala neChippa United ngoJanuwari 11. Kuphinde kwaba yinto efanayo ingaphumeleli ukudlala ne-Orlando Pirates eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, emdlalweni weligi.

Ngemuva kwalokho kube sekuhlehliswa yonke imidlalo yaleli qembu kumbandakanya noweNedbank Cup Last 32 ebelizowudlala neMilford FC khona eHarry Gwala Stadium.

UMama Joy ubonakale emdlalweni weBetway Premiership ngesikhathi iMamelodi Sundowns ibhaxabula i-Orlando Pirates ngo 4-1, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ntambama.

Lapha ubejabula nabalandeli beSundowns egqoke ijezi leNingizimu Afrika elinemibala efanayo neyaBafana Ba’Style.

Akekho owaziyo ukuthi useyilaxazile yini iRoyal AM njengoba ingenamali kodwa ukubonakala kwakhe phakathi kwabalandeli beSundowns (ejabula kudliwa iPirates) kushiye imibuzo.