Usesibhedlela owe-Arrows olimale ejimini
Umdlali wasemuva weLamontville Golden Arrows, uSicelo Hlatshwayo, ulaliswe esibhedlela kulandela ukushayisana kanzima nomunye umdlali ngesikhathi bezilolonga ngoLwesine ekuseni.
Imibiko ikhomba ukuthi laba badlali bashayisane kabi ngezithuba zabo-10:30 ekuseni ngesikhathi iqembu lizilolonga.
UHlatshwayo nguye olimale kakhulu njengoba iDiski Times ibika ukuthi ubengakwazi ukukhuluma nokunyakaza.
Ube esephuthunyiswa esibhedlela isimo sakhe sisibi, la efike wafakwa egunjini labagula kakhulu.
Nokho kuvela ukuthi kuzoba ngozi makhaza njengoba kuthiwa isimo sakhe sibe ngcono ngokuhamba kosuku.
Kulo mbiko kuchashunwe abe-Arrows bethi okwamanje ngeke bakwazi ukukhuluma ngalesi sigameko.
UHlatshwayo uke waba sematheni ngesikhathi kunamahebezi okuthi ufunwa yi-Orlando Pirates ngasekuqaleni kwesizini.
Kodwa lokho kugcine kungenzekanga njengoba eqhubekile nokuhlala kwi-Arrows.
FUNDA NALA: IChiefs seyinqumile ngo-Itumeleng Khune owafika ejimini ebukhile
Ujoyine leli qembu laKwaZulu-Natal ngesiwombe sesibili sesizini edlule ngemuva kokudlala kahle kwiMarumo Gallants.

