Bafuna abone afika ngayo u-Erik ten Hag kwiMan United
SIHLE NGUBO
Ababengabadlali beManchester United, uPaul Scholes noMichael Owen, ababoni kungaba wumqondo omuhle ukuthi leli qembu ligcine umqeqeshi u-Erik ten Hag.
Basho lokhu ngemuva kokuthi iMan United ibhaxabulwe yiCrystal Palace ngo 4-0 emdlalweni we-English Premier League ngoMsombuluko ebusuku
Ukushaywa kweMan United kuchaza ukuthi seyithole induku kawu-13 kule sizini, kanti ingase ihluleke ukuzibekisela indawo emiqhudelwaneni yase-Europe ngesizini ezayo.
Njengamanje leli qembu lisendaweni yesishiyagalombili kwilogi kanti selidedele amagoli angu-81 kuyona yonke imiqhudelwano.
Leli yirekhodi elibi kunawo wonke eqenjini kusukela ngo-1976/77.
“Namuhla bekungathi kushayelelwa isipikili sokugcina ngci,” kusho uScholes ngemuva komdlalo.
“Bengilokhu ngicabanga ukuthi (uTen Hag) angase athole omunye unyaka asebenzele iqembu eselithe ukubamba umgqigqo, nabaphathi abasha, kodwa akubukeki kanjalo.”
U-Owen odlalele iMan United ngo-2009 kuya ku-2012, ulibeke ngembaba elokuthi iqembu kumele limxoshe uTen Hag ngaphambi kokuthi kuphele isizini.
“Ngeke akwazi, yinto nje angeke akwazi ukuyenza, ukuqeqesha iqembu ngesizini ezayo,” kusho o-Owen.
“Ngiyazibuza, kuningi okumele kwenzeke, yize kuyimidlalo emine kuphela (esele).
“Ngiyazibuza ukuthi ibhodi kumele yenze okuthile lapha njengamanje, ingalokhu ijikela emuva kwendlu.”
IMan United isalelwe yimidlalo emithathu lapho izodlala ne-Arsenal, ezihola phambili kwilogi, yiNewcastle United neBrighton and Hove Albion.
Isazodlala neManchester City emdlalweni wamanqamu weFA Cup.
FUNDA NALA: UMakaab nokusha ngoManqoba Mngqithi neChiefs
Mayelana nalo mdlalo u-Owen uthe: “IManchester City izobabhubhisa emdlalweni wamanqamu weFA Cup.”