UMiddendorp uchitha eyokungamfuni uNgobese kwiChiefs
Namanje kusekhona abalandeli beKaizer Chiefs abasebegqubu no-Ernst Middendorp, bemsola ngokuthi waqeda ikusasa lika-Emmanuel “Scara” Ngobese kuleli qembu.
Ngesikhathi efika kwiChiefs okokuqala ngo-2005, uMiddendorp wafica uNgobese eyiqhawe elingaconsi phansi kubalandeli.
Kwahlala obala ukuthi umjiko kaNgobese owawuchaza abalandeli yena akayizwa indaba yawo nokwaphetha ngokuthi lo mdlali ashiye kwiChiefs.
UNgobese – owashona ngoMeyi 11, 2010 – wabe esedlulela kwamanye amaqembu okubalwa kuwo AmaZulu neThanda Royal Zulu.
“Umufi uScara Ngobese wayengumdlali omangalisayo, akukho ukungabaza ngalokho,” kusho uMiddendorp kwiPrimeSports with Mahlatse Mphahlele.
“Wayevelele ngekhono lakhe futhi wayekwazi ukufaka isandla ukusiza iqembu. Kodwa wayebuye avele athatheke (ukuchwaza kwezihlwele).
“Ngangimthanda lo mdlali futhi ngazama kaningi ukumncenga ukuthi asebenzise ikhono lakhe ukuze kusizakale iqembu.
“Ungomunye wabadlali okwakungenzeka bagcine befike ezingeni eliphezulu kakhulu.
“Wayenalo lonke ikhono kanti nomzimba wawumvula (ngoba wayemude). Wayenakho konke okwakudingeka ukuthi enze izinto zenzeke enkundleni.”
Yize uMiddendorp awubekezelela umjiko kaNgobese, lo mqeqeshi waseGermany ukubeke kwacaca ukuthi ayengakuthandi ngaye wukubukisa.
“Ukudlalela izihlwele yinto nje engathi shu, futhi wonke umdlali wasezingeni elikhokhelayo kumele ayiyeke nje.
“Usebenzisa amakhono akho ukujika ngenhloso yokudlula ezimbangini kuhle kakhulu futhi akekho umqeqeshi emhlabeni ongakunqaba.
“Kodwa kwesinye isikhathi uba nabadlali abaseduze kwebhokisi endaweni la bengashaya khona igoli ulazi ikhono labo kodwa alibale wumjiko.
“Uyazama nokuthi umyalele ukuthi azame ukungena ebhokisini ashaye igoli noma athole iphenathi okungenani.
“Bese ubona umdlali ethatha ibhola egijima engena phakathi nenkundla, abukise ngomjiko, ebeka idolo ebholeni…
“Bese ngiyazibuza mina nawo wonke umuntu ukuthi yilokhu yini enifuna ukukubona?
“Sibe sesibuza, ‘kungani singawashayanga amagoli ukuze siwine umdlalo?’
FUNDA NALA: Inkinga yotshwala akuyona eyeSwallows kuphela – Komphela
“Sebenzisa amakhono akho okujika, sebenzisa amaqhinga namakhono ukusiza iqembu ukuthi lishaye amagoli.”