EzakamuvaIbhola

Uncome iSundowns, wagadla kuMokwena ‘ozazisayo’

Owayengumqeqeshi weWydad Casablanca, uSven Vandenbroeck uthi iMamelodi Sundowns yiqembu eliphambili ezwenikazi kodwa wabuye wagadla kumqeqeshi wayo uRulani Mokwena. 

Uveze ukuthi kungenzeka ukuthi impumelelo yalo ekutheni idle izicoco ezwenikazi inqandwa wukuzazisa komqeqeshi wayo uRulani Mokwena. 

UVandenbroeck, odabuka eBelgium ubekhuluma esiteshini sethelevishini sangakubo i-Aajil News ngesikhathi esho lokhu. 

Uthe ngokwezinga labadlali, nendlela edlala ngayo iSundowns iseqophelweni lase-Europe. 

“ISundowns iyiqembu eliphambili e-Afrika, hhayi ngokwemiphumela kodwa ngokwendlela edlala ngayo,” kusho lo mqeqeshi. 

“Ngiyibuka njengeqembu elisezingeni lase-Europe. Okubi ngeSundowns umqeqeshi, uyazazisa.

“Ngokwekhono lokudlala, iphezulu kakhulu – iyiqembu elikhethekile.” 

UVandebroeck engafakazelwa wuzakwabo qaseBelgium oqeqesha iBafana Bafana kulokhu akushilo. 

UHugo Broos uke waveza imizwa yakhe ngoMokwena ethi unokuzenza ‘unkulunkulu’ webhola laseNingizimu Afrika.

Nokho uMokwena wabuye waveza ukuthi bayikhuluma leyo noBroos, bakhumelana umlotha yadlula.

NoSead Ramovic weTS Galaxy usanga kukhwela adilike kulo mqeqeshi osemncane nozikhulumelayo uma esevalelwa ekhoneni. 

Ngesonto elidlule uRamovic usole uMokwena ngokuthi uthanda ukunakwa.