IChiefs izokwengeza iminyaka emibili ‘kukaputeni wakusasa’
Uzokwengezelwa iminyaka emibili umdlali weKaizer Chiefs obonwa ezogcina engukaputeni kuleli qembu laseNaturena.
Kuvela ukuthi iChiefs isanelisekile ngalo mdlali ngendlela enza ngayo izinto futhi bafuna ukusheshe bamkhuleke ngenye inkontileka.
Ngokubika kweSNL24, uYusuf Maart unekusasa elihle kwiChiefs futhi leli qembu alifuni ukulinda aze acabange ukuthi alinendaba naye ngaphambi kokumnika inkontileka entsha.
Kuthiwa uzonikwa inkontileka yeminyaka emibili enombandela yokwengeza omunye ngaphezulu.
“Iqembu lifuna ukumgcina isikhathi eside. Njengoba lakhiwa kabusha iqembu, bafuna ukwakhela ngaye,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Ungomunye wabadlali abakhombisa ukuzimisela nokuzinikela, yingakho bemelulela inkontileka yize kusasele unyaka kule anayo manje.”
Inkontileka anayo uMaart njengamanje kwiChiefs iphela ngoJune ka-2025, okusho ukuthi kusenonyaka nezinyanga eziyisithupha ngaphambi kokuthi iphele.
“Izingxoxo sezivele ziqalile futhi iChiefs isikubekile okwayo etafuleni, sekusele kuye nabaphathi bakhe.
“Iqembu lifuna ukuqinisekisa ukuthi alingabazeki ikusasa lakhe kusekuhle nje,” kuqhuba lo mthombo.
UMaart, oneminyaka engu-28, uma eyamukela le nkontileka entsha kusho ukuthi uzohlala eNaturena kuze kube ngu-2028.
Nokho ukusheshe bambekele inkontileka etafuleni kungenzeka kube nezihibe iqembu elingazihlosile.
FUNDA NALA: UGonya uphinde wakhonya egeza igama ngoMzimela
Uma eyinqaba le nkontileka, kuzokwenza ukusebenzisana naye kube nzima njeongoba kusasele isikhathi eside kangaka.
IChiefs inengcindezi yokujika izinto njengoba ibheke ehlazweni leminyaka eyishumi ingayazi indebe okwenza abalandeli bangahlaliseki.
Kumanje iChiefs icinga unozinti ezoqinisa ngaye njengoba ibonakala seyixega kakhulu kule ndawo ebalulekile.

