IChiefs iyaxoxa noMngqithi, usehlanganisa ithimba lakhe
Yize imenenja yakhe ikuphikile, Impempe seyithole ukuthi iKaizer Chiefs seyiziqalile izingxoxo noManqoba Mngqithi ukuthi azosebenza kuyo ngesizini ezayo.
Imenenja yalo mqeqeshi, uMike Makaab ukuphikile ngesonto elidlule ukuthi kukhona okubahlanganisa neChiefs.
Wathi kuseyinto abayizwa kwabezindaba kuphela, wathi iChiefs ibingakaxhumani nabo ngokusemthethweni.
UManqoba Mngqithi ukwiMamelodi Sundowns njengamanje la esebenza khona ngaphansi kukaRulani Mokwena njengomqeqeshi ‘omdala’.
Nokho inkontileka yakhe iyaphela ekupheleni kukaJuni futhi akubonakali izovuselelwa njengoba sekusele inyanga kodwa kungekho okwenzekile.
ISundowns iyaziwa ngokungahuduli izinyawo uma izoyivuselela inkontileka yomuntu esamdinga eqenjini ngoba vele imali ayiyona inkinga kuyo.
Ukuthi kuze kushaye lwesi sikhathi ingayivuselelile inkontileka kuyizinkomba zokuthi isikhathi sakhe sesiphelile kuleli qembu.
Ubevele ke engomunye wabaqeqeshi abamataniswa neChiefs futhi nabalandeli abazwakala bengeneliseka ngaye.
Manje Impempe seyingakuveza ukuthi izingxoxo kuye neChiefs sezisondele kuvuthindaba.
Empeleni nje uMngqithi useqalile ukuhlanganisa ithimba lakhe azofika eNaturena.
“Bayaxoxa futhi sekusele kancane ngoba useze wabayalela nomuntu adinga azomsiza kanti neChiefs seyixoxile naye,” kusho umthombo osondelene nabaphathi bakhe.
“Uzomangala ukuthi ubani amqokile ukuthi ufuna azoba yiphini lakhe… UFohloza.
“Yebo uRomain Folz lo wodumo kuMaZulu. Ukhona nje kuleli kumanje futhi uhlangane nabaphathi beChiefs ngemuva komdlalo.”
IChiefs beyidlala noSuthu eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ntambama kanti uFohloza ubekhona naye kodwa efihliwe.
Impempe ikholwa wukuthi bese kuqale uhlelo lokuthi ahlonze abadlali abazobagcina uma kuphela isizini.
Kuvela ukuthi uzoyihambela yonke imidlalo esele yeChiefs kodwa uzofihlwa emehlweni omphakathi.
FUNDA NALA: Buyaqhubeka ubuxhimfixhimfi kuSead Ramovic noMokwena
Lo mthombo uthe nangesikhathi efunwa Usuthu uManqoba Mngqithi, walutshela ukuthi ufisa uFohloza ahlale, abe yiphini lakhe.