EzakamuvaIbhola

Imali ‘esize’ iSundonws inqoba eseligi – Tinkler

Umqeqeshi weCape Town City, u-Eric Tinkler, usephenduke umqeqeshi wakamuva wakuleli ophakamise ukuthi impumelelo yeMamelodi Sundowns incike kumcebo womndeni wakwaMotsepe.

Ngesizini ka-2023-24, amaBrazilians aphakamise isicoco seligi okwesikhombisa kulandelana, eziqophela umlando kwiPSL. 

ISundowns iphethwe wumndeni wakwaMotsepe oholwa yisiqumama esinezigidigidi, uPatrice Motsepe.

Ngesikhathi eqokelwa ukuba umengameli weCaf, uPatrice ushiye indodana yakhe uTlhopie ongusihlalo weqembu.

“Kuke kwaba namasizini lapho ubona khona iSundowns ibaleka neligi,” kusho u-Eric Tinkler. 

“Yebo mkhulu umehluko ngoba sebekwenze iminyaka eyisikhombisa kulandelana manje futhi igebe phakathi kwethu nabo likhulile impela. 

“Ngicabanga ukuthi lokho kuncike ezingeni abanalo namandla (emali) avumela lokho. 

“Uma ubheka emhlabeni wonke, ubani owina iligi? YiBayer Leverkusen (eGermany) kuphela kulo nyaka ethusile futhi ukubonile lokho ngeLeicester City kwenye isizini (e-England).

“Kodwa empeleni, iMan City inayo yonke imali emhlabeni, iReal Madrid inayo yonke imali emhlabeni neBayern Munich inayo yonke imali emhlabeni…

“Futhi ke la maqembu agcina enqobe iligi, kuyiqiniso elingephikwe lokho.”

U-Eric Tinkler ubephendula umbuzo mayelana nezinga lebhola laseNingizimu Afrika ngemuva kokuthi ezakhe zinqobe ngo 1-0 kwiSundowns. 

ICity iqede endaweni yesihlanu kwiPremiership ibambene ngamaphuzu angu-45 neSekhukhune United enesibalo esingcono samagoli.