EzakamuvaIbhola

UFohloza usonga ukubuya azonqoba iligi kuleli  

Ngemuva kokunikwa ithuba kodwa ahluleke emaqenjini amabili, uRomain “uFohloza” Folz usenesifiso sokubuya ebholeni lakuleli.

UFohloza wafika kuleli ekuqaleni kwesizini edlule eqashwe yiMarumo Gallants kodwa akangahlala isikhathi eside. 

Waxoshwa ngemuva kokungavumelani nabaphathi ngendlela ayephethe ngayo iqembu.

Wakhala ngokuthi abaphathi babenokuthi bafune ukumtshela ukuthi asisethe kanjani iskimu sakhe kodwa yena enqaba. 

Wabe eseqashwa AmaZulu FC la abaphathi, ikakhulukazi umengameli wawo, uSandile Zungu, babemethemba kakhulu.

Waze waqanjwa leli qama likaFohloza ngoba kubhekwe ukuthi asize Usuthu lufohloze kwasani ephambi kwalo. 

Kodwa kwagcina sekuyilo olufohlozekayo, waze wabona uManzini ukuthi ayikho lento, wagcina esembeke eceleni.

Kuphele isizini emisiwe, kuqeqesha u-Ayanda Dlamini, kwathi uma kuphela isizini waxoshwa uFohloza.

Usuke lapho wathola umsebenzi kwiHoroya AC yaseGuinea kodwa nakhona akahlalanga isikhathi esitheni, washiya.

Kumanje lo mqeqeshi oneziqu ze-Uefa Pro License usebenza kwiFifa ngaphansi kuka-Arsene Wenger. 

UFohloza utshele iFAR Post muva nje ukuthi uyobuya kuleli ngelinye ilanga, afike anqobe iDStv Premiership. 

Vele ke usangabuya kwazise usemncane njengoba eneminyaka engu-33 nje kuphela lo mqeqeshi onobuzwe baseFrance naseMorocco.

“Uma isikhathi sesifanele, ngizobuya eNingizimu Afrika. Okwamanje ngibambeke kwenye indawo,” kusho yena.

“Akusona isikhathi esifanele, okwamanje. Njengenjwayelo, ngigxile ngokugcwele emsebenzini wami wamanje. 

“Ngizoqeda lo msebenzi wami neFifa bese ngibheka ukuthi yini elandelayo. Nginqabe imisebenzi embalwa kusukela ngo-Okthoba.

“Kulokho ngiyobheka nokuthi ikhona yini indlela yokubuyela eNingizimu Afrika. Ngifike ngesikhathi esingafanele. 

“Into eyodwa engingakutshela yona wukuthi ngizobuya eNingizimu Afrika ngokuhamba kweminyaka, futhi ngiyoyinqoba iligi.” 

UFohloza ube esekhombisa ukuthi leli lizwe selisenhliziyweni yakhe njengoba efisele neBafana okuhle kwiCaf Africa Cup of Nations.

IBafana ingelinye lamaqembu angu-32 aobanga le ndebe yokuba ngompetha bezwekazi e-Ivory Coast ngenyanga ezayo.

“Ngifisela iBafana okuhle kule Afcon ezayo. Ngethemba ukuthi bazokwenza kahle, benze izwe liziqhenye ngabo,” kusho uFolz.