Ubumubi lo nyaka ebholeni lakuleli – udlule nabaningi
SIHLE NGUBO
Unyaka osongwayo udlule nemiphefumulo eminingi uma kukhulunywa ngonobhutshuzwayo eNingizimu Afrika.
I-Premier Soccer League (PSL) bekungapheli amasonto amaningi ibe isiphoqeleka ukuthi ikhiphe isitatimende ithi kuzoba nemizuzwana yokuthula emidlalweni yayo.
Kushaqeke abaningi kudlula u-Alex “Gold Fingers” Shakoane obesebenzela iMamelodi Sundowns.
Le nkekha beyaziwa kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika futhi ibidume mgoxhaxha lwamagolide eminweni.
Kube yisimo esifanayo kusho uPhil “Mr Jones” Setshedi owake waqeqesha i-Orlando Pirates.
Le nkakha eyayingukaputeni weBucs yake yasebenza nakwiBafana Bafana noClive “The Dog” Barker.
Naye uBarker ugcine edlulile emhlabeni kuwona lo nyaka ngemuva kokuxinwa ukugula isikhathi eside.
Kuphinde kwethusa abaningi ukushona kukaPapi Khomane owayedlalela iPirates neBafana Bafana. Uhlule engozini yemoto ngesikhathi esifanayo nonina.
NakuMaZulu FC kugadlile ukufa kudlula emhlabeni uBonginkosi “Mdeva” Ntuli.
Kuthusile impela okwakhe ngoba abanye bebengazi nokuthi uyagula.
IRichards Bay nayo ilahlekelwe ukaputeni wayo uSphephelo Mtolo owavele wawa besejimini, kwagcina kumenele.
FUNDA NALA:Â UFohloza usonga ukubuya azonqoba iligi kuleli
Njengoba unyaka ususongwa kunethemba lokuthi azikho izindaba ezimbi ezizozwakala ezithinta unobhutshuzwayo waseMzansi.

