Akawabheki amarekhodi uKagiso Rabada wamaProteas
SIHLE NGUBO
UKagiso “KG” Rabada uyaqhubeka nokubhala umlando wakhe kumaProteas futhi iminyaka isamvuna ukuthi aphule amarekhodi.
Lo mshwibi usejoyine idlanzana labadlali bamaProteas abafinyelele kumawikhethi angu-500 emidlalweni yomhlaba.
Lapha kubalwa awemidlalo yeTest, awemidlalo yosuku olulodwa naweT20.
URabada ubevutha ngosuku lokuqala lweTest yokuqala ngoLwesibili, lapho amaProteas ebhekene ne-India eCenturion.
Uthathe amawikhethi amahlanu kanti bese kungokwesi-14 enza lokhu emidlalweni yeTest.
Umdlalo uke wamiswa yimvula eSuperSport Park kodwa kulindeleke ukuthi uqhubeke ngoLwesithathu.
FUNDA NALA: USaile useyifundile iPSL, uthembisa amagoli kwiChiefs
Naba abanye abadlali baseNingizimu Afrika asebethathe amawikhethi angu-500 nangaphezulu:
UShaun Pollock (423 wemidlalo) – 829 amawikhethi
UDale Steyn (265 wemidlalo) – 699 amawikhethi
UMakhaya Ntini (284 wemidlalo) – 662 amawikhethi
U-Allan Donald (236 wemidlalo)- 602 wamawikhethi
UJacques Kallis (519 wemidlalo) – 577 wamawikhethi wamawikhethi
Morne Morkel (247 wemidlalo)- 544
𝗞𝗮𝗴𝗶𝘀𝗼 𝗥𝗮𝗯𝗮𝗱𝗮 (𝟮𝟭𝟴 wemidlalo) – 𝟱𝟬𝟬 wamawikhethi

