Umdlali weChiefs ubonga iKhosi Nation ngokweseka iqembu ngothando
SIHLE NGUBO
Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uGiven Msimango, ubonga abalandeli ngokungadikibali ekwesekeni iqembu ngothando yize libhekene nobunzima.
Abalandeli baMakhosi abadikibali yize sekuphele iminyaka eyishumi iChiefs yagcina ukuqukula indebe.
Kube yinjabulo yodwa ngeSonto ngesikhathi leli qembu laseNaturena lishaya iMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup.
Lokhu kuqinisekise ukuthi iChiefs izodlala kowamanqamu lapho izobhekana ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMeyi 10.
Iningi labalandeli beChiefs lihlale lisho ezinkundleni zokuxhumana ukuthi lizofa nalo iqembu noma kungathiwa izinto zibheda kanjani.
“Kubalandeli bethu abayisimanga, siyanibona, siyanizwa futhi siyanithanda,” kusho uMsimango.
“Uma iKhosi Nation iseseka lokho kuyasiphakamisa. Angikwazi nokuchaza ukuthi ukuba khona kwenu kusho ukuthini.
“Akukho mayelana nebhola kuphela. Kumayelana ngokuzigqaja, ubumbano nethemba.
“Ngakho siyabonga kubalandeli baMakhosi ngokuhlale bekhona ngezikhathi ezinzima nezenjabulo.”
Kulindeleke ukuthi abalandeli beChiefs baphinde baphume ngobuningi babo uma seyitholana phezulu neChippa United, emdlalweni weBetway Premiership, eNelson Mandela Bay Stadium, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.