Ijike umqondo iPirates ngoZakhele Lepasa?
Njabulo Shezi
Sekungenzeka uZakhele Lepasa ashiye unomphelo kwi-Orlando Pirates asanda kubuyela kuyo esuka kwiSuperSport United abebolekiswe kuyo ngesizini edlule.
Kuvela ukuthi leli qembu alimbhalisaga lo mgadli kubadlali elizodlala ngabo kwiCaf Champions League kule sizini ezoqala.
Lokhu kusho ukuthi mhlawumbe akekho ezinhlelweni zabaqeqeshi, nokuthi angase abuyele kuMatsatsantsa a Pitori ngaphambi kokuqala kwesizini.
Lezi zindaba zivezwe ngabeSunday World ngeSonto kanti bathi kungase kuphele leli viki uZakhele Lepasa esebuyiselwe kwiSuperSport.
Kuzokhumbuleka ke ukuthi uGavin Hunt, ongumqeqeshi weSuperSport ubevele efisa ukumgcina nakule sizini lo mgadli.
Kodwa iPirates inqabile naye, futhi ibihambe naye kuwo womabaili amakhempu ayo aqale eNorth West kuleli, aphelela eSpain.
UZakhele Lepasa, ongomunye wezethenjwa zikaHugo Broos kwiBafana Bafana, uchithe isigamu sesibili sesizini edlule ebolekiswe kwiSuperSport.
Nokuhamba kwakhe aye kuMatsatsantsa kwabathusa abaningi kwazise kwakungalindelekile, futhi kwenzeka ngosuku lokugcina lokusayinwa kwabadlali ngewindi langoJabuwari.
Ubesanda kubuyela kwiBucs kanti ubeyingxenye yeqembu eliye eSpain ladlala imidlalo yobungani njengengxenye yokulungiselela isizini.
Nakuba ebeyingxenye yamalungiselelo omqeqeshi uJose Riveiro, lo mgadli, oneminyaka engu-26, odabuka eSoweto, ubukeka ezimisele ngokufudukela kwiSuperSport ngokugcwele.
Uma egcina ngokuya kwiSuperSport, uzobe ejoyina obenguzakwabo kwiPirates uSiphesihle Ndlovu osesemabhukwini aleli qembu ngokugcwele.
FUNDA NALA: U-Eric Tinkler uncoma uManyama ngokungaphoqi isimo
UZakhele Lepasa ubeseqenjini lamaBhakabhaka eliwine indebe yeMTN8 kabili kumasizini amathathu (2020/21 no-2022/23), lalala isibili kwiCaf Confederation Cup ka-2021/22.