IChiefs ibalwa kwagaqele umqeqeshi waseZimbabwe
Kubalwa neKaizer Chiefs emaqenjini agaqele umqeqeshi waseZimbabwe uKalisto Pasuwa.
Ngokombiko weMWN uPasuwa ufunwa yiChiefs neRichards Bay FC, okungamaqembu anabaqeqeshi ababambile njengamanje.
KuMakhosi kubambe uCavin Johnson othathe izintambo ngemuva kokuxoshwa kukaMolefi Ntseki ngonyaka odlule.
UVusumuzi “Kanu” Vilakazi yena usabambe kwiNatal Rich Boyz kulandela ukukhonjwa indlela kukaKaitano Tembo ngoKhisimusi.
“Anginaso isiqiniseko ngeChiefs, engikwaziyo ukuthi kube khona ukuxhumana okuvela kwiRichards Bay nelinye iqembu elikhulu lase-Uganda,” kusho uFelix Nganyama Sapao ophethe izindaba zikaPasuwa.
FUNDA NALA: OweChiefs usophe ukubonga abalandeli kwiCarling Cup
“Kodwa uPasuwa unenkontileka ephela ngoDisemba 2024. Ukhokhelwa kahle kwiBullets emenyusela iholo ngo-10% njalo ngonyaka. Mhlawumbe ake silinde sibone.”
UPasuwa usewine iMalawian Super League, yiFDH Bank Cup ne-Ibongeste Castle Challenge neNyasa Big Bullets. Uvezwa njengomqeqeshi okujwayele ukuwina izindebe.
Bese kungokwesihlanu kulandelana ewina isicoco seligi neNyasa Big Bullets.
IChiefs sekuyohlangana iminyaka eyishumi yagcina ukuqukula indebe.
Ngakolunye uhlangothi iBay idonsa kanzima njengoba iyibambe endaweni yesibili ukusuka emsileni kwilogi yeDStv Premiership.

