Ungene kwajika izinto u-Ox kwiChiefs ishaya iSekhukhune
Ukungena kukaSibongiseni “Ox” Mthethwa kukhulule iKaizer Chiefs ukuthi ikwazi ukuhlasela ngokukhululeka, yagcina ithole negoli lokuwina, ishaya iSekhukhune United ngo 2-1 ngoLwesithathu kusihlwa.
Lo mdlali osayinwe ngeviki elidlule esuka kwiStellenbosch FC ukhombisile ukuthi iChiefs ayimoshanga imali ngaye.
Nomqeqeshi weChiefs, uMolefi Ntseki ukuvumile ukuthi ukungena kwakhe kubanike indlela engcono yokudlala njengoba ekhulule uYusuf Maart ukuthi ahlasele.
“Simfake ngoba sibona ukuthi sesidiinga ukuhlasela kakhudlwana. Ukwazile ukusinika uzinzo ebesiludinga,” kusho uNtseki.
UMthethwa ungene endaweni ka-Edson Castillo kulo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium.
Ngasekuqaleni, iChiefs ibihlose ukusebenzisa izimpiko, ibheke ukuthumela amabhola ebhokisini ukuze ahlangane noChristian Saile noPule Mmodi abebengena beqhamuka ezinhlangothini.
Kodwa yize bekunezikhathi ezithembisayo zeChiefs, udonga lwasemuva lweBabina Noko beluqinile, luyichitha yonke imizamo yabo.
Ngokuqhubeka komdlalo, iSekhukhune ithole umfutho, ilokhu isondela epalini likaBrandon Petersen futhi ineminyakazo yokuhlasela emihle.
Ukuphikelela kwabo kube nomphumela omuhle ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini ngesikhathi u-Elias Mokwana ebeka enethini ibhola ebeligotshwe kwesokunxele.
Kuyiwa ekhefini, iChiefs iyibonile inselelo ebibhekene nayo. Abadlali bahlangane enkundleni ukuze kuxoxiswane kafushane ngaphambi kokudlulela ezindlini zokushintshela.
Ngomzuzu ka-52 uMmodi uzithole esesendaweni ethembisayo, ngeshwa, ibhola labhajwa ngaphansi konyawo lwakhe, akangakwazi ukukhahlelela ipali.
Ngemva kwemizuzwana, u-Ashely Du Preez udedele ishodi kodwa ibhola lakhe laphuma eceleni kwepali.
Ngesikhathi iChiefs ishoshela phambili ifuna igoli lokulinganisa, bekunokukhathazeka ngokuthi ingase izibeke engcupheni yokungenelwa yigoli lesibili.
IChiefs ithole igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-60 ngesikhathi u-Edson Castillo engqofela phakathi ibhola eseduze nepali kulandela iphutha lasemuva likanozinti weSekhukhune.
UBadra Ali Sangare uzame ukudlala esusa ibhola emuva kodwa waphuthaza lawela kwiChiefs, lagcina lidla inethi.
FUNDA NALA: UKamwendo uhlaba eyezihlabani eziningi kakhulu kwiPirates
Kuthe sekusele imizuzu engu-15 umdlalo uphele, u-Edmilson Dove wangqofela phakathi ibhola ebeligotshwe kwesokudla, kwaqhuma ingoma yenjabulo eMabhida.