EzakamuvaIbhola

Bathutheleka kwiMaritzburg abadlali abaswele umsebenzi

Abadlali bezigaba zePremier Soccer League (PSL) abangenawo umsebenzi njengamanje bazama inhlanhla kwiMaritzburg United edlala kwiMotsepe Foundation Championship. 

Kubadlali abanegama ababonakale bejima neTeam of Choice kukhona uPhumlani Ntshangase oke waba ngukaputeni kulo leli qembu. 

Kukhona noMthokozisi Dube oke wayibamba kwi-Orlando Pirates neGolden Arrows,  noNkanyiso Madonsela kanti bakhona nabanye.

Kuthetheleka abadlali nje leli qembu lisanda kulanda uPitso Dladla ukuba azolekelela uSimo Dladla. 

UPitso Dladla useke wayibamba kuThongathi FC, Richards Bay neMarumo Gallants

Nguye owayesezintanjeni ngesikhathi iNatal Rich Boyz yenyukela kwiDStv Premiership isuka kwiChampionship eminyakeni emibili edlule. 

USimo Dladla unikwe lo msebenzi wokucija iMaritzburg kulandela ukuxoshwa kukaZipho Dlangamandla ngenxa yokugqoza kwemiphumela.

Impempe ixume usihlalo weTeam of Choice ukuzwa umuzwa wakhe ngalaba badlali abazama inhlanhla eqenjini lakhe. 

Uthe bayabadinga abadlali abanamava kodwa akangaphumela oala ngokuthi bazothatha abangaki kulaba. 

“Impela bakhona abadlali abazama inhlanhla lapha, kodwa akekho esesimthathile okwamanje,” kusho uKadodia. 

“Kuyiqiniso ukuthi siyabadinga abadlali abanesipiliyoni njengoba silwela ukubuyela kwiDStv Premiership nje. 

“Uma ngabe sekukhona esenelisekile ngabo futhi sabathatha, sizonazisa ngendlela efanele nesijwayele ukwenza ngayo.” 

IMaritzburg iye ekhefini izinto zingayihambeli kahle njengoba isendaweni ka-11 ngemuva kwemidlalo engu-17.

Isaqoqe amaphuzu angu-20 kuphela. Nokho isangaba nalo ithuba njengoba isalele ngamaphuzu ayishumi kwi-Orbit College esendaweni yokuqala. 

Nokho kuzomele isebenze kanzima kule midlalo engu-13 esele ukuze ibe sethubeni lokunqoba lesi sigaba noma ingene emidlalweni yokuhlunga.