Ngubani azothembela kuyena uNabi ezintini zeChiefs?
SIHLE NGUBO
Akusezinsuku zatshwala ukuthi kuqale isizini entsha yeBetway Premiership njengoba sekusongwa imidlalo yokulungiselela isizini, edlalwa amaqembu agijima kwiligi enkulu.
IKaizer Chiefs beyiseNetherlands lapho ibiyodlala khona imidlalo yokungcweka namaqembu amane akuleli lizwe.
Amakhosi asezobuyela eNingizimu Afrika kanti sekungachaza umqeqeshi, uNasreddine Nabi, ukuthi iqembu lakhe ulibona likusiphi isimo.
IChiefs ayibanga nesizini enhle edlule emidlalweni yeligi yize izamile ukujabulisa abalandeli bayo ngokunqoba iNedbank Cup.
Ukuqeda endaweni yesishiyagalolunye kwilogi yePremieship kuphinde kwenza abalandeli baMakhosi baba yinhlekisa kwamanye amaqembu.
UNabi, ngokubambisana nabaphathi beChiefs, bazamile ukuqinisa iqembu ngokusayinisa abadlali abathile njengoba bekusavalwe isizini.
Nokho kusenemibuzo ngokuthi ngabe bazoshiya kunjalo yini ezintini nokuyindawo ebukeke ixega kakhulu kwiChiefs ngesizini edlule.
Kuqale isizini kuvimba uFiacre Ntwari, obesanda kufika evela kwiTS Galaxy.
Nokho kuthe ngokuhamba kwesikhathi kwacaca ukuthi lo nozinti udliwa amagoli alula, bamshintsha.
Kube sekuvimba uBruce Bvuma ofike wazama kodwa yangabukeka ixazuleka ngokuphelele inkinga yokudedela amagoli.
UBrandon Petersen uke wavimba imidlalo embalwa ngaphambi kwalokho kodwa kwavela ukuthi ulimalile.
Kowamanqamu weNedbank Cup bekuvimbe yena lo nozinti oke wayibamba kwiBidvest Wits futhi wenze kahle kakhulu.
Emidlalweni yokulungiselela isizini uPetersen uyena obeqala imidlalo bese kungene uBvuma ngesiwombe sesibili.
UPetersen uke wacashunwa ethi bafuna ukwenza kangcono ngesizini ezayo ngoba bayazi akwenele abakwenze ngesizini edlule.
“Nakanjani ukuwina indebe kusigqugquzele kakhulu singabadlali,” kusho uPetersen obesezintini beshaya iBucs.
“Yinto ebesiyidinga kakhulu. Asibanga nesizini enhle edlule kodwa lokho (ukuwina indebe) kube yinto emqoka kithina.
“Lokhu kungaba yinto esizokwakhela kuyona njengoba kuza isizini entsha maduze.
“Uyakubona ukulangazelela ebusweni babadlali ngemuva kokuphakamisa le ndebe. Bafuna okungaphezulu, balangazelele enye impumelelo.”
Ngabe uNabi uzokwethemba uPetersen ezintini njengoba kuqala isizini entsha? Konke kuzohlaluka maduze.
IChiefs izobhekana ne-Asante Kotoko yaseGhana emdlalweni weToyota Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Emidlalweni yePremieship Amakhosi azovula neStellenbosch FC e-Athlone Stadium, eKapa, ngo-Agasti 10.

