ISafa imise onompempe ngezinsolo zokufuna ‘intshontsho’
Inhlangano eyengamele ibhola kuleki, iSafa, seyimise onompempe abathathu abasolwa ngokufuna ukugwazelwa. Lokhu kwenzeke ngempelasonto edlule.
Labo nompempe abathathu basolwa ngokungaziphathi kahle emdlalweni weSafa Vhembe League ngoMgqibelo, kaMeyi 11 2024.
La macala ahlanganisa ukuphekwa kwemidlalo, ukuziphatha okungafanele nokufuna ukufumbathiswa.
Labo nompempe, ngokubika kweFARPost kuthiwa bebesemdlalweni weVuwani United Sports Academy neMasakona Real Citizens.
Kusolakala ukuthi baya kumnikazi weMasakona Real Citizens beyofuna ukugwazelwa ngo-R1 800, ukuze bamsize awine lo mdlalo.
Njengamanje le kilabhu iqhwakele kwiSafa Vhembe Men’s Regional League kodwa ishiya iMashau Pull Together ngomehluko wamagoli.
Womabili lamaqembu asembangweni wokuhlungela ukuya kwi-ABC Motsepe League ngesizini ezayo.
Kodwa umnikazi weqembu ubikele iSafa ngalokhu yona yabe seyinquma ukuthi laba abathathu bamiswe emsebenzini baze bavele phambi kwekomidi eliqondisa ubugwegwe.
Encwadini ekhishwe unobhala wesifunda uSam Matodzi, labo nompempe ngoPercy Murei namaphini akhe oRivhathihi Malima noVhuhwavho Mathuli.
“ISafa Vhembe ayisenayo enye indlela. Kodwa ukukumisa emsebenzini ngokushesha ukuthi uphathe noma ubambe iqhaza kunoma yimiphi imidlalo yethu esemthethweni.
FUNDA NALA: OweChiefs ubabaza eyonompempe abangaxhumani
“Kusalindwe ukuqulwa kwecala lokuqondiswa kobugwegwe ngalolu daba ngosuku olusazonqunywa,” kusho iSafa ezincwadini ezithunyelwe labo nompempe.