EzakamuvaIBetway Premiership

Umqeqeshi wePirates uphawula ngesicoco seligi

SIHLE NGUBO

Akakufihli nakancane umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, ukuthi ufuna ukunqoba isicoco seBetway Premiership ekupheleni kwesizini.

IBucs izithola isesimeni esihle kakhulu kwilogi yePremiership njengoba kuyiyona ezihola phambili.

Leli qembu laseSoweto livule igebe lamaphuzu amahlanu phakathi kwalo neMamelodi Sundowns esendaweni yesibili kwilogi.

Lokhu kwenza umbango weligi ushube kakhulu kule sizini njengoba neKaizer Chiefs ikhona emshungwini wamanqamu abanga isicoco kulokhu.

“Sifuna ukunqoba iligi. Into enhle ngale midlalo kuba amaphuzu amathathu kuphela,” kusho lo mqeqeshi odabuka eMorocco.

“Asikho lapha ukuzodlala isekisi, silapha ukuncintisana futhi kuningi okulindeleke eqenjini nakubalandeli. Leli yiqembu elikhulu futhi sifuna ukuwina isicoco.

“Ngeke sikufihle lokhu futhi uma abanye abantu bengafuni ukunqoba isicoco, kumele baphakamise izandla bakusho lokho.

“Angifuni ukuchitha isikhathi ngabantu abafuna ukudlala enkundleni, angizele lokho lapha.”

Ngempelasonto iPirates iqhubekile nomgqigqo wayo omuhle ishaya iMarumo Gallants ngo 3-0 emdlalweni weBetway Premiership.

EZimnyama zinomdlalo onzima njengoba zizobhekana neSundowns kowePremiership eFNB Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.

Ukunqoba lo mdlalo kwePirates kungasho ukuvula igebe libe amaphuzu ayishiyagalombili phakathi kwayo neDowns evikela isicoco seligi.

NgoFebhuwari 28 kuzobe sekuba umdlalo ohlale ubhekwe ngabomvu phakathi kweChiefs nePirates.

Lo mdlalo ungase ucace indlela esicocweni seligi esibukeka sibaleka nePirates okwamanje.

IChiefs isazikhotha amanxeba kulandela ukuwashiswa ijezi kwiCAF Confederation Cup, ngemuva kokushaywa yiZamalek ngoMgqibelo.