UJali kubadlali abaxoshiwe kwiSwallows – noKomphela uyalandela?
Kuvela negama lika-Andile Jali kubadlali abakhonjwe indlela kwiMoroka Swallows ngemuva kokulahlwa amacala okungaziphathi ngendlela efanele.
ISwallows beyichungechunge lwezigcawu zokuqonidwa ubugwegwe kubadlali kulandela ukuthi bebambe isiteleka ngoDisemba.
Abadlali baleli qembu bangene esitelekeni kulandela ukuthi iqembu linqabile ukubaholela imali kaDisemba ingakapheli le nyanga.
Ngemuva kokuthi iqembu linqabile ukwenza lokhu, abadlali babe sebeteleka, bagoloza ukujima nokudlala imidlalo eyayisele.
ISwallows ayiyidlalanga imidlalo emibili okuyinto eyafaka iPSL ehlazweni elibi, yagcina ilihlawulisile leli qembu.
Lokhu kwamcasula kakhulu usihlalo weqembu uDavid Mogashoa owabe esefuna ukuthi wonke umdlali obetelekile aqondisw eubugwegwe.
Kuthiwa wacikwa wukuthi bebefuna ukuhola singakafiki isikhathi, baze bafaka iqembu otakwini.
Manje ngoLwesihlanu kusihlwa sekuvele ukuthi bakhonjwe indlela abadlali abatholwe benecala lokungaziphathi kahle nokubamba isiteleka esingekho emthethweni.
UJali, uNtsako Makhubela, uTshidiso Patjie ngabane babadlali abangene ohlwini lokuqala lwabaxoshiwe.
Ngokuthola kweMpempe, bakhona nabanye abasazoxoshwa njengoba inhloso kuwukuthi iqembu liqalwe kabusha.
Kuthiwa uMogashoa ubone lokhu kwenzeke ngesikhathi esikahle kuvulwe iwindi lokusayina abadlali.
Lokhu kuzokwenza akwazi ukusayinisa iqembu elisha. Kungenzeka nomqeqeshi, uSteve Komphela naye akhonjwe indlela.
IKomphela yena kuthiwa wazakhela igazi elibi ngesikhathi ekhuluma kwabezindaba ukuthi wancenga abadlali ukuthi badlale bebhekene ne-Orlando Pirates ngoNovemba.
Lokhu kwakulandela ukuthi abadlali befune ukungena esitelekeni, banqaba ukujima ngoba bengaholile.
Abanye abadlali abangaxoshwanga kuthiwa bazicelele bona ukuthi bacela ukuyozama engxenye ngoba bebalekela yona le yokungaholi.
FUNDA NALA: Kubaleka abadlali abamqoka kwiSwallows
“Abadlali bazolandwa kwi-Upington City naseqenjini lenkulisa elidlala kwiDDC (DStv Diksi Challenge),” kusho umthombo.
Kunezinsolo zokuthi uMogashoa unobudlelwano ne-Upington City edlala kwiMotsepe Foundation Championship.

