Afcon 2023Ezakamuva

‘Ulalelile’ uBroos, wambuyisela ebhentshini uXulu

Yize kuyishwa ukuthi kuphunywe iqhubu nomdlali oyedwa uma iqembu lihlulilwe, kodwa uSiyanda Xulu wasolwa kakhulu ngemuva komdlalo weBafana Bafana wokuqala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon). 

Lo mdlali wasemuva weSuperSport United waba nomdlalo omubi futhi amagoli amabili eyadliwa ngayo iBafana aqhuma kuye. 

NoPercy Tau owageja iphenathi wazithola eseyisitha kubalandeli beBafana njengoba leli qembu lagcina lishaywe ngo 2-0 Mali. 

Lokhu kuhlulwa kweBafana kwayifaka kwingcindezi yokuthi inqobe nakanjani emdlalweni wesibili.

Izobhekana neNamibia ngeSonto ngo-10 ebusuku. INamibia yakhombisa ukuba yingozi enkulu ishaya iTunisia ngo 2-1 emdlalweni wokuqala. 

Njengoba uXulu aba nomdlalo omubi, abalandeli banxenxa umqeqeshi uHugi Broos ukuthi ake maphumuze emdlalweni olandelayo.

Nebala lo mqeqeshi oneminyaka engu-71 ulalelile, wambuyisela ebhentshini uXulu, indawo yakhe yathathwa uGrant Kekana weMamelodi Sundowns.

Lokhu kwenze kwaqopheka omunye umlando ngeSundowns njengoba kungokokuqala ukuthi eqenjini lesizwe lakuleli kube namadlali abayisishiyagalombili. 

UXulu akuyena yedwa oshintshiwe eqenjini elaqala umdlalo iBafana ibhekene neMali emdlalweni wokuqala. 

NoThapelo Maseko usale ngaphandle kwangenza uzakwazo kwiSundowns, uThapelo Morena endaweni yakhe. 

Ibophele kanje iBafana kulo mdlalo: (4-4-2) Williams © – Mudau, Modiba, Kekana, Mvala – Morena, Tau, Mokoena, Tau – Zwane, Makgopa. 

Ibhentshi: Goss, Mothwa, Mobbie, Mashego, Xulu, Appolis, Adams, Maseko, Monare, Lepasa, Sibisi, Mayambela.