EzakamuvaIbhola

Abadlali beRichards Bay abaholile nabaxhasi abeneme

SIHLE NGUBO

Phezu kokuthi belwe baze baqeda kwiTop 8 okokuqala ngqa emlandweni, abadlali beRichards Bay bathwele kanzima njengoba kuvela ukuthi sekuphele izinyanga bengaholi.

Leli qembu livale isizini ngokushaya iSuperSport United ngo 2-0 nokuqinisekise ukuthi liqeda endaweni yesishiyagalombili kwilogi yeBetway Premiership.

Nokho kuvela ukuthi sekuyisikhathi eside abadlali bengaholi nokuthi abaxhasi abeneme ngokuthi banikwe amaphepha awumgunyathi ngesikhathi becela ukubona ukuthi izinto zihamba kanjani.

NgoJulayi nyakenye iBay imemezele abaxhasi abasha iPhakwe Gas okuvele ukuthi izokhipha u-R100 million eminyakeni emithathu.

Nokho kuvela ukuthi abaxhasi baninga ukuhoxa ngenxa yamaphepha angumgunyathi abawanikwe usihlalo weqembu uJomo Biyela.

Abanye abadlali kuthiwa sebengene ntshi ezikweletini ngenxa yalesi simo seqembu kanti zimoto zabo zingase zidliwe.

Kuthiwa umdlali ohola imali enkulu uthola u-R40 000 kanti abanye bahola u-R5000 nje kuphela.

Abanye abadlali abanazo izinkontileka ngakho kunzima nokukhuluma ngoba bangase baxoshwe.

Impempe iphinde yathola ukuthi akubona abadlali kuphela abazithola bengaholi kodwa le nto ikapakela ngisho kubaqeqeshi imbala.

Ngaphambi kokuthi kuqale isizini edlule, Impempe ike yashicilela udaba lapho bekuvela khona ukuthi bahola sekudlule isikhathi kwiBay.

“Le yokuhola sekudlule isikhathi isingumkhokha nje kuleli qembu,” kubalisa umthombo ngoJulayi nyakenye.

“Namuhla usuku lokuqala lokuziqeqesha. Esikhundleni sokuthi abadlali noma ababili bafike izolo (ngoLwesibili), kufike umacekeceke (umdlali omusha) waseBloemfontein. Naye ulandwe esikhumulweni sezindiza.

“Abalayikhaya mhlawumbe bahlose ukuthi bazofika sekusondele isikhathi sokuziqeqesha, bengazange baphumule ngenxa yemali engasafiki ngesikhathi.”

Impempe izamile ukuthola ukuphawula kweBay ngalolu daba kodwa kwaze kwadlula isikhathi eside ingekho impendulo.