IChiefs ixebule uTebogo Potsane kwiRoyal AM elengelwa isigwebo
Sihle Ngubo
IKaizer Chiefs iyaqhubeka nokuqinisa iqembu layo njengoba ngoMgqibelo imemezele ukuthi isisayinise uTebogo Potsane obedlalela iRoyal AM ngesizini edlule.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 usayine inkontileka yeminyaka emithathu neChiefs. Lokhu kumenza umdlali wesikhombisa ofikayo eqenjini selokhu kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali.
“Sikholwa wukuthi uTebogo uzosikhombisa ukuthi ungumdlali ophezulu eqenjini,” kusho uKaizer Motaung Jnr oyiSporting Director yeChiefs.
“Ufika nekhono lakhe kithina kanjalo namava amakhulu abadlali bethu abancane abangafunda futhi bazuze lukhulu kuwona.
“Sijabule kakhulu ngokuba naye emndenini weKaizer Chiefs,” kwengeza lesi sikhulu ngalo mdlali osuka kwezikaMaMkhize.
UTebogo Potsane udlale imidlalo engu-18 kwiRoyal AM ngesizini edlule, kanti usize ekushayweni kwamagoli kathathu.
Lo mdlali ubeyihlupha kakhulu iChiefs ngesizini ka-2021/2022 ngesikhathi iThwihli Thwahla isafika kwiDStv Premiership.
Ubaleka kwiRoyal AM nje uTebogo Potsane leli qembu libhekene nenkinga yesigwebo sokungasayini abadlali kulandela icala eyalifakwa nguSamir Nurkovic.
UTebogo Potsane, oneminyaka angu-29, ungomunye wabadlali abakhulela enkulisa yeBloemfontein Celtic.
Wafuduka nayo ngesikhathi seyithengiselwe uShauwn Mkhize njengoba kade esedlala kwiRoyal AM nje.
Utika nje lo mdlali ulandela abanye abayisithupha abethulwe ngoMsombuluko kuleli qembu laseSoweto.
Laba abayisithupha bekungoMduduzi Mdantsane, Edson Castillo, Ranga Chivaviro, Given Msimango, Thatayaone Dithlokwe noPule Mmodi.
Bonke laba ngaphandle kukaCastillo, ngabadlali abanamava aziwayo ebholeni lakuleli futhi okubhekwe bafike noshintsho olubonakalayo.
Ukusayinisa kweChiefs abadlali abanohlonze kangaka kuzoshiya uMolefi Ntseki enengcindezi yokwenza kahle uma kuqala isizini.
FUNDA NALA: Nabi: Okwenza nganqaba ukuya kwiChiefs
UNtseki usanda kunikwa isikhundla sokuba ngumqeqeshi weChiefs engena endaweni ka-Arthur Zwane ozoba yiphini lakhe noDillon Sherppard.