Kuphele amazwi kuHugo Broos iBafana igila izimanga
SIHLE NGUBO
Uhlulwa nawukuchaza indlela esese ngayo umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngemuva kokushaya iMorocco kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023.
INingizimu Afrika idlulele kuma-quarterfinal e-Afcon, yamangaza abaningi, ishaya iqembu elikleliswe eqhulwini e-Afrika ngo 2-0, ngoLwesibili.
“Angicabangi sikhona isidingo sokunitshela ukuthi ngijabule kakhulu namuhla,” kusho uHugo Broos ngemuva komdlalo.
“Sishaye iMorocco. Akukona nje ukuthi sidlulele kuma-quarterfinal e-Afcon kodwa ukushaya iqembu elinjengeMorocco yinto enkulu kakhulu.”
Abanye bebengalinike lutho leli qembu likaHugo Broos elinabadlali abaningi abagijima kwiPremier Soccer League (PSL).
Ngaleso sikhathi iMorocco ibophele inqwaba yabadlali abagijima kumaligi amakhulu phesheya.
UPercy Tau noSphephelo Sithole kuphela abadlali abaseqenjini lesizwe abangadlali kwiPSL.
“IMorocco yiqembu elihle elinabadlali abahle kakhulu. Sibacubungule ngendlela enhle.
“Ngesiwombe sokuqala umdlalo ubungemuhle. Amaqembu abebukeka esabana.
“Nokho ngesiwombe sesibili umdlalo uvulekile, iMorocco yathola amathuba ambalwa.
“Kodwa sishaye igoli futhi kubalulekile ukuthola igoli kuqala.
“Ngemuva kwalokho sibe nayo inhlanhla ngoba iMorocco ibisidlala ibhola elihle lokuphaselana.
“Sijabule kakhulu ngendlela engeke ichazeke.”
Amagoli aweze iBafana Bafana ashaywe ngu-Evidence Makgopa noTeboho Mokoena, igcine eqokwe njengoMdlali oVelele kulo mdlalo.
U-Evidence Makgopa ugeze igama lakhe ngokushaya leli goli. Lo mdlali we-Orlando Pirates usegxekwe kakhulu ngokuba seqenjini lesizwe ” kungamfanele” ngokubona kwabanye abalandeli.
FUNDA NALA:Â Kushode agiye uMicho i-Algeria ibhula amazolo kwi-Afcon
IBafana Bafana izobhekana neCape Verde kwi-quarterfinal ngempelasonto komunye umdlalo okubhekwe ushube kakhulu.

