Uyise kaFleurs ufuna ukubabona ‘ubuso nobuso’ ababulali
UTheo Fleurs, onguyise womdlali wasemuva ongasekho weKaizer Chiefs, uLuke Fleurs uthi uzoba khona enkantolo ngoLwesihlanu ekuseni.
Uthi ufuna ukubabuka emehlweni abasolwa ngokubulala indodana yakhe esigamekweni sokuduna imoto eGoli ngo-Ephreli 3.
Kuboshwe amadoda ayisithupha mayelana necala lokubulawa kwalo mdlali obenemiinyaka engu-24.
Wadutshulwa washona esigamekweni sokudunwa kwemoto egaraji likaphethiloli eHoneydew, ngaseRoodepoort.
UTheo Fleurs uthe “wayegxuma yinjabulo” ngesikhathi uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika lumtshela ukuthi luyitholile imoto yendodana yakhe.
Kodwa wabuye wambozwa usizi nomunyu uma esezwa ukuthi nabasolwa baboshiwe.
“Angazi ukuthi ngizokwenzenjani,” kusho uFleurs, ebuzwa ukuthi ucabanga ukuthi sizoba njani isimo enkantolo ngoLwesihlanu ekuseni.
“Ngijabulile uma ngizwa kuthiwa sebeyitholile imoto, ngagxuma ngenxa yenjabulo, kodwa ekuseni bafona bethi bathole abenzi bobubi (abasolwa), ngadumala.
“Angikwazanga ukuzibamba. Angazi ukuthi kuzoba njani (enkantolo) ngifisa ukubabona ubuso nobuso.”
UFleurs wengeze ngokuthi uyaziqhenya ngendodana yakhe, eyafeza iphupho layo lokujoyina iKaizer Chiefs.
“Ngiyalibonga ithuba iCheifs emnike lona, leli yizinga eliphezulu ebholeni laseNingizimu Afrika, lokudlalela Amakhosi.
“Ngiyaziqhenya kakhulu ngendodana yami, futhi lokho akuzuzile empilweni futhi wanikela ezweni lakubo.”
FUNDA NALA: U-Ofori ukwabaphelelwa yizinkontileka kwiBucs
Ubaba kaLuke Fleurs ubekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo sakhe ebesise-FNB Stadium ngoLwesine ntambama.

