UZizi Kodwa unxenxa ukwesekwa kweBafana ‘egeze igama layo’
UNgqongqoshe weZemidlalo, uBuciko naMasiko kuzwelonke, uZizi Kodwa, usenxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuthi beseke iqembu lesizwe lakuleli, iBafana Bafana.
Iqembu lakuleli lizobhekana neNigeria emdlalweni onzima owandulela owamanqamu we-Africa Cup of Nations (Afcon), ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku.
IBafana idlulele kweyandulela owamanqamu ye-Afcon okokuqala eminyakeni engu-24. Yagcina ukwenza lokhu ngo-2000.
Ishaye iCape Verde ngo 2-1 sekukhahlelwa amaphenathi. Umdlalo uphele ngo 0-0 emizuzwini engu-120.
UZizi Kodwa uthe ubuqhawe obukhonjiswe yiBafana emidlalweni esayidlalile buligezile igama layo, nalabo abebengayithembi yabavulela esinye isahluko.
“IBafana Bafana seyithinte abaningi kwi-Afcon esidlalwa okuka-34,” kusho uZizi Kodwa esitatimendeni.
“Iqembu livuthulule ukuphoxeka kwaphambilini, lakhombisa ugqozi lokufuna ukunqoba.
“Lokho yinto egqugquzelwa umnyango weZemidlalo, uBuciko naMasiko, ukuthi yenzeke uma sidlala imidlalo yomhlaba.
“Sebephule amarekhodi ngokungangenelwa amagoli emidlalweni emine kulo mqhudelwano.
“Ubuqhawe babadlali beBafana Bafana kulo mqhudelwano, kubalwa nezimanga ezigilwe uRonwen Williams kwi-quarterfinal, kuyohlala isikhathi eside ezingqondweni zabalandeli bebhola.”
URonwen Williams uvimbe amaphenathi amane ngesikhathi iBafana idlula kwiCape Verde ngoMgqibelo.
“ISpain ne-Argentina bashayiwe emidlalweni yokuvula ngo-2010 nango-2022 kwiNdebe yoMhlaba, ngaphambi kokuwina leyo miqhudelwano,” kuqhuba uKodwa.
“Ngikholwa wukuthi iBafana Bafana inawo lowo moya wokuba ngompetha ngokwenza into efanayo, ihambe ize ifinyelele kowamanqamu, bese ibuye nendebe ye-Afcon ize ekhaya.”
INingizimu Afrika ivule imidlalo ye-Afcon ngokushaywa yiMali ngo 2-0. Nokho ivuke yazithatha yabhudluza iNamibia ngo 4-0 emdlalweni wesibili.
Ngemuva kwalokho idlale ngokulingana neTunisia (0-0) yadlulela kwiLast 16 ye-Afcon.
Imangaze abaningi ishaya iMorocco, ekleliswe eqhulwini e-Afrika, ngo 2-0, yadlulela kuma-quarterfinal.
“Nginxenxa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahlangane beseke iBafana Bafana.
“Leli qembu selimele iNingizimu Afrika ngokwethembeka, laphinde laphakamisela ifulegi lakuleli phezulu.
“Kumnandi ukubona abantu baseNingizimu Afrika begqoke amajezi eBafana Bafana. Kuhle nokubona abalandeli nezintatheli abeseka iqembu ngeqholo e-Ivory Coast.”
FUNDA NALA: Isifike kwangqingetshe iBafana kwiNigeria – Khanye
Komunye umdlalo kuzobhekana i-Ivory Coast, osokhaya, neDemocratic Republic of Congo, ngoLwesithathu ngo-10 ebusuku.

