BUKA: UMokwena ‘epheka’ uThembinkosi Lorch
URulani Mokwena, oqeqesha iMamelodi Sundowns, uyakucacisa kuThembinkosi “Nyoso” Lorch, ukuthi yini eyamenza weza eChloorkop.
Njengamanje Abafana Ba’Style basePolokwane lapho beziqeqesha khona ukulungiselela ukubuya kwemidlalo yeDStv Premiership.
UMokwena uvela kwividiyo egxile kuLorch, emkhombisa ukuthi yini afuna ayenze.
Uyakhuluma egcizelela ukuthi wasayinisa uThembinkosi Lorch oshaya amagoli, aphinde asize ekuwakheni, hhayi omunye.
“Yilowo uNyoso engimaziyo, angimfuni omunye uNyoso,” kusho uMokwena, emdonsa ngesandla (uLorch) beziqeqesha.
“Angilethanga lapha omunye uNyoso. Ngaletha lo Nyoso engimaziyo.
“Yikho nje ngingafuni udlale umdlalo ungaphandle kwebhokisi, ngoba lowo akuyena uNyoso engimfunayo lowo.
“UNyoso engimfunayo unengcindezi, unonkwantalala, uyajikana, uyakhahlela, uyasiza, uyadlubulundela (odongeni lwezitha).”
UThembinkosi Lorch ushiye abalandeli be-Orlando Pirates bengeneme ngemuva kokusayina kwiSundowns ngamahora okugcina, sekuvalwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
Namanje abalandeli beZimnyama basamdinelwe ngokukhetha ukuya kwiSundowns.
Lo mdlali uchazile ukuthi kungani ekhethe ukuya kwiSundowns, futhi wabonga kwiPirates nabalandeli ngokumphatha kahle ngesikhathi esagijima kweZimnyama.
FUNDA NALA: UZizi Kodwa unxenxa ukwesekwa kweBafana ‘egeze igama layo’
Nokho lokho kuchaza kwakhe kubukeka kungawenzanga umehluko otheni ngoba basathukanisa uma kubhalwe ngalo mdlali.
Abanye bathi bafuna ukubona ukuthi uzodlala kanjani uma sekubhekene iSundowns nePirates koweDStv Premiership emasontweni ezayo.
Buka nansi ividiyo ngezansi:

