Usethole elinye iqembu phesheya owayekwiChiefs
Owayengumdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uTeenage Hadebe, uselungiselela ukuya kwiKonyaspor, edlala kwiSuper Lig, eTurkey.
Lokhu kusho ukuthi sekuphelile ngampela ngaye neligi yase-US esanda kuheha abadlali abanamagama oLionel Messi noLuis Suarez.
UHadebe, oneminyaka engu-28, usevalelise kwiHouston Dynamo ngemuva kokusebenza kuyo iminyaka emibili nesigamu.
Usebuyela eTurkey, lapho ake wadlalela khona iMalatyaspor ngaphambi kokulibangisa kwiHouston.
Wayejoyine iMalatyaspor ngemuva kokushiya kweKaizer Chiefs ayefikele kuyo kuleli esuka ngakubo eZimbabwe.
KwiHouston udlale imidlalo engu-56 eqenjini futhi uHadebe uhlukane naleli qembu ngoDisemba ngesikhathi kuphela isizini.
Ngokubika kwe-iDiski Times, lolu nkonko lwesitobha lusayine inkontileka yezinyanga ezine kwiKonyaspor okwamanje.
UHadebe, osedlale imidlalo engu-36 eqenjini lesizwe laseZimbabwe iWarriors, ungomunye wezethenjwa zaleli qembu.
Uzobe bhekwe ukuba sekhaleni lempi uma iWarriors seyiqala umkhankaso wayo wokulwela ukungena eNdebeni yoMhlaba ka-2026.
Le midlalo yokuhlunga izoqala ngoNovemba kanti iZimbabwe iqhathwe kuGroup C kule midlalo.
FUNDA NALA:Â Ingase igingqe iPirates kwiNedbank Cup
Kuleli qoqo ineNingizimu Afrika, iNigeria, iRwanda, iLesotho neBenin.

