EzakamuvaiNedbank Cup

Idili lemidlalo yeNedbank Cup eKZN, ngabe indebe iza ekhaya?

Amaqembu aKwaZulu-Natal anethuba elihle lokudlulela emzuliswaneni olandelayo kwiNedbank Cup ka-2024.

Lokhu kungenxa yokuthi azoyiqala esekhaya imikhankaso yawo kulo mqhudelwano.

Lilodwa iqembu lakulesi sifundazwe elizophuma liyodlala ekuhambeni njengoba kuzodlalwa imidlalo yeLast 32.

Lokhu kunika ithuba amaqembu aKwaZulu-Natal, ukuthi ngeke asheshe aphume kulo mqhudelwano.

IMilford FC, edlala kwiMotsepe Foundation Championship izoyophehezelisa ifulegi lesifundazwe eGauteng.

Leli qembu elidonsa kanzima kwiligi lizoyogadulisana neKaizer Chiefs eFNB Stadium ngoFebhuwari 25. 

Uwodwa umdlalo ozoqinisekisa ukuthi iqembu laKwaZulu-Natal liwasha ijezi ngokushesha kulo mqhudelwano.

Yilapho kuzobhekana khona AmaZulu FC neRoyal AM, eKing Zwelithini Stadium, ngoFebhuwari 22, ngo-7 ebusuku.

Kulo mdlalo womkhaya kulindeleke kushunqe uthuli ngoba alikho iqembu elizobe lizimisele ngokuphuma zisuka nje kwiNedbank Cup.

Egcina ukuhlangana la maqembu emdlalweni weDStv Premiership, Usuthu luthele isibhaxu sika 3-0 kwiThwihli Thwahla.

Kulowo mdlalo kwagxekwa kakhulu umqeqeshi uJohn Maduka, ngokudlalisa usihlalo weqembu u-Andile Mpisane, owayebukeka eyikhonco elibuthaka.

Ngemuva kwalokho uMpisane waba yihlaya ezinkundleni zokuxhumana, abanye bethi akaliyeke ibhola ngoba akalazi.

Komunye umdlalo kuzobhekana iLamontville Golden Arrows neTS Galaxy eMpumalanga Stadium, ngoFebhuwari 23, ngo-7 ebusuku.

Nakulo mdlalo kubhekeke ukuthi kushube ngoba kuzobe kutholene amaqembu eDStv Premiership adlala kahle.

I-TS Galaxy ishaywe yiStellenbosch FC emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout Cup, ngoDisemba 16.

IRichards Bay FC izokwamukela iPolokwane City, engomakoti kwiDStv Premiership, eKing Zwelithini Stadium, ngoFebhuwari 24, ngo-6 ntambama.

INatal Rich Boyz inalo ithuba lokudlulela phambili ngoba izobe inenqwaba yabalandeli basekhaya. Nokho kwiNedbank Cup kwenzeka noma yini.

I-FC Ravens, emele amaqembu adlala ezigabeni zeSafa eKZN, nayo izobe isekhaya ibhekene neSpain FC ePrincess Magogo Stadium ngoFebhuwari 24. 

Emdlalweni wokugcina weLast 32, KwaZulu-Natal, kuzohlangana iMaritzburg United nePaarl United, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoFebhuwari 25, ngo-3 ntambama.

I-Team of Choice idonsa kanzima kwiMotsepe Foundation Championship, futhi akubukeki izobuyela kwiDStv Premiership.

Mhlawumbe ukuwina lo mdlalo weNedbank Cup kuzoyivusa emaqandeni, ibhukule nasemidlalweni yeligi.