ISafa iphenya ekaLyle Foster yokungezi kwiBafana
SIHLE NGUBO
ISouth African Football Association (Safa) ngeke iluyeke nje lushabalale kanjalo udaba lukaLyle Foster, odlalela iBurnely yase-England.
Lo mgadli ubefakiwe eqenjini lakuleli lesizwe, iBafana Bafana, njengoba kune-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023, esongwa ngeSonto ebusuku e-Ivory Coast.
ULyle Foster akezanga kwiBafana Bafana ngoba kuthiwa usalulama ngokuphelele esimeni sokuthikamezeka ngokomqondo.
Le simo sasimemezelwe yiqembu lakhe ngasekupheleni konyaka odlule.
Uke wahlala engadlali kwiBurnely elashwa ongoti base-England, abakwazi ukubhekana nalesi simo.
Nokho ubuyile ngoDisemba wadlala eqenjini lakhe.
Lo mgadli, oke wadlalela i-Orlando Pirates, ubekhona eqenjini labadlali abangu-36, ngaphambi kokuthi uHugo Broos alehlisele ku-23.
Kuthe uma esefakwa kulaba abangu-23 iBurnely yashaya phansi ngonyawo, yathi akakwazi ukuya kwi-Afcon.
Nokho umengameli weSafa, uDanny Jordan, uthi basazoluphenya kahle udaba lukaLyle Foster, bazenelise.
“Kukhona uphenyo oluqhubekayo njengamanje,” kusho uJordan.
“Sizobona ukuthi bekuyiqembu yini noma bekungumdlali uqobo.
“Asiyibonanga incwadi eyathunyelwa uLyle Foster. Kumele sikhulume nomqeqeshi kodwa nakanjani izinyathelo zizothathwa.”
Ngesikhathi ebuzwa ngoFoster, umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos, wachaza ukuthi yena wayemfakile eqenjini kodwa iBurnely yathi ngeke kulunge.
“ULyle kuthiwa kumele abhekwe ongoti abazi inkinga yakhe amahora angu-24.
“Ngalokho siphoqekile ukumshiya ngoba ngeke kwenzeke lokho kwi-Afcon,” kuchaza uHugo Broos.
Nokho kuyasolisa ukuthi into kaFoster yayikade ihleliwe ukuthi angalubhadi kwi-Afcon, eqale ngoJanuwari 13.
IBurnely izama ukubalekela izembe, kanti lo mgadli ungomunye wabadlali bayo ababalulekile kakhulu.
Ngasohlangothini lweBafana Bafana ibigadla ngo-Evidence Makgopa owenze kahle kakhulu emidlalweni ye-Afcon ayidlalile.
Lo mgadli we-Orlando Pirates uze washaya igoli elibalulekile ngesikhathi iBafana Bafana ibhekene neMorocco lapho igcine iwine ngo 2-0.
Nakanjani ukuhlasela kweBafana Bafana bekuzoqina kakhulu ukube ubekhona uFoster owashayayo amagoli kwiBurnely, e-England.
FUNDA NALA: UKomphela uthi namanje ngisabanjiswe udonga kwiSwallows
IBafana izobanga indawo yesithathu neCongo DR ngoMgqibelo ngo-10 ebusuku.