UMshini usebheke ukukhiqiza impumelelo kwiChiefs
Kubhekwe lukhulu kubadlali abathathu abalulelwe izinkontileka kwiKaizer Chiefs kuleli sonto oNkosingiphile ‘uMshini” Ngcobo, Bruce Bvuma noBrandon Petersen.
Lokhu kuvele kumqondisi wezindaba zebhola kuleli qembu laseNaturena, uKaizer Motaung Junior.
Ekhuluma ngokwelulelwa kwalaba badlali izinkontileka, uMotaung Jr. uthe babheke ukuthi laba badlali bafukule iqembu.
Kuyaziwa ke ukuthi sesiside isikhathi iChiefs ishwiba izandla, iqeda amasizini elandelana ingaqoqanga ndebe.
“UBruce, uMshini (Ngcobo) noBrandon bakhombise ikhono elikhulu njengabadlali beKaizer Chiefs,” kushi uKaizer Jr.
“Futhi bakhombise ukuzinikela okukhulu ekilabhini.
“Siyakholelwa emakhonweni abo futhi siyaqiniseka ukuthi bazoqhubeka nokuba yingxenye yempumelelo yeqembu lethu eminyakeni ezayo.
“Sijabule kakhulu ukuba nabo sibabone befinyelela ezingeni eliphezulu.”
UMshini noBruce Bvuma baphuma ezinkulisa zeqembu futhi sebenesikhathi beseqenjini elikhulu.
Nokho bebengakafiki ezingeni elilindelwe kubo njengabadlali abalazi ukusuka nokuhlala isiko leqembu.
UBrandon Petersen yena usayinwe esuka kwiBidvest Wits kanti uphuma enkulisa ye-Ajax Cape Town, Ikamva.
UMshini uthembise ukuqhubeka nokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi uba yile mpumelelo iqembu elifisa abe yiyo.
“Ngizosebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi ngifaka isandla ukusiza iqembu litholele abalandeli izindebe,” kusho le nsizwa eneminyaka engu-24.
Kuyiwe ekhefini lemidlalo ye-Africa Cup of Nations uNgcobo noBvuma besefomini enhle futhi beseqenjini eliqala imidlalo.
Neqembu nje lilonke belenza kangcono futhi libonakala lihlangana kahle ngaphansi kukaCavin Johnson.
Nokho njengoba isicoco seligi yeDStv Premiership sibonakala sesihambe neMamelodi Sundowns, iChiefs sekumele ikhalele kwiNedbank Cup.
Izoqala umkhankaso wayo kulo mqhudelwano neMilford FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship ngoFebhuwari 25.
Kodwa ngaphambi kwalokho kumele ibhekane neTS Galaxy ngoLwesibili koweligi.
FUNDA NALA: ISafa iphenya ekaLyle Foster yokungezi kwiBafana
Izophinde igadulisane neRoyal AM kuyo iligi ngoMgqibelo kaFebhuwari 18 eChatsworth Stadium, eThekwini.

