EzakamuvaIBetway Premiership

Umengameli woSuthu ucacisa ngekusasa likaZwane eqenjini 

SIHLE NGUBO 

Umengameli waMaZulu FC, uSandile Zungu, usecacisile ukuthi kuzokwenzekani ngomqeqeshi u-Arthur “10111” Zwane njengoba kuzophela isizini ka-2024/2025.

Inkontileka kaZwane iyaphela ngoJuni nokuchaza ukuthi kumele kucace ukuthi uyahlala yini kuSuthu noma uyashiya.

UZwane ufike kuMaZulu ezosebenzisana ngokubambisana noVusumuzi “Kanu” Vilakazi ngemuva kokuxoshwa kukaPablo Franco Martin.

UVilakazi ushiye kungalindele muntu kuSuthu wasala eyibambe yedwa uZwane, obesuka kwiKaizer Chiefs.

UZungu uzwakale engenakho ukungabaza ngesikhathi ephawula ngoZwane eMoses Mabhida Stadium, ngoMsombuluko.

“Ngithi angikucacise lokhu. UMangethe (uZwane) uzobe ekhona eqenjini nangemuva kwale sizini esikuyona,” kusho uZungu.

Lo mengameli ubephendula imibuzo ngesikhathi AmaZulu ethula abaxhasi bawo abasha bejezi iPrimo ngoMsombuluko.

Usuthu beluxhaswe yi-Umbro iminyaka eyisikhombisa njengoba ubudlelwano sebufike ekugcineni.

“Lapha sizokhuluma ngobudlelwano bethu obusha nePrimo kuphela. Ngeke sikhulume ngeTop 8 nokuthi sizozama kanjani ukuhlala kuyona,” kusho uZungu sakuntela.

AmaZulu asendaweni yesithupha kwilogi yeBetway Premiership. Asalelwe umdlalo owodwa wokuvala isizini azowudlala ne-Orlando Pirates ngoMeyi 24.