Ibhola

IRockets iwakhombe eza ngayo ‘amakhehla’

SIHLE NGUBO

I-TS Galaxy iwakhombe indlela ‘amakhehla’ ebiwagcinile kodwa obese kucaca ukuthi ngeke esalenzela lutho iqembu.

Kubadlali iRockets eqinisekise ukuthi iyabachitha kukhona uBernard Parker, oneminyaka engu-38, uVuyo Mere, oneminyaka engu-39 noLindokuhle Mbatha, naye oneminyaka engu-39.

Bobathathu laba badlali sebekwenze konke ebholeni laseNingizimu Afrika ngakho mhlawumbe yisikhathi sokuthi bawagaxe emgibeni ngokusemthethweni amakhokho abo.

UParker bekungasalindelekile ukuthi aqhubeke nokudlala ibhola kulandela ukulimala kabi ngesizini edlule. Waphuka phoqo amathambo amabili omlenze ngesikhathi ehlangana kabi noBongani Zungu obekwiMamelodi Sundowns.

Ngemuva kwalokho kuqubuke umsindo ezinkundleni zokuxhumana abantu besola uZungu ukuthi wephula uParker ngabomu, yikho engazange azihluphe ngokuxolisa.

Indaba iqhubekile emdlalweni olandelile phakathi kweRockets neDowns lapho kudlaliswe kabi uZungu. Umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena, uthe lokhu kwakuhleliwe futhi uSead Ramovic uyena owatshela abadlali bakhe ukuthi kumele baziphindisele kuZungu.

Kuphele isizini udaba selusenkantolo njengoba uRamovic ubefuna uMokwena, ambiza ngoSunshine, achaze ukuthi wayemuzwe kuphi etshela abadlali ukuthi kumele badlalise kabi uZungu. Lo mdlali usanda kuyishiya iSundowns kanti akucaci ukuthi uzobe edlala kuphi ngesizini ezayo.

Abanye abadlali abashiye iGalaxy uHugo Vidal, uVasilije Kolak, no-Orebotse Mongae.